Isolezwe

Kushe ingoma kufungiswa uRamaphosa

- MHLENGI SHANGASE

“PHAKAMA Ramaphosa, ixesha lifikile”. Kuqhume le ngoma izolo ePhalamend­e ngesikhath­i uMnuz Matamela Cyril Ramaphosa ekhethwa ngo-elethu kwesokuba ngumengame­li wezwe.

URamaphosa ukhethwe ngaphandle kokuphikis­wa ngamalungu ePhalamend­e emva kokusula kobengumen­gameli, uMnuz Jacob Zuma, wafungiswa izolo ntambama ngumengame­li wamajaji uMogoeng Mogoeng.

I-EFF idube yaphuma ithi ayihambisa­ni nokuqokwa kukaRamaph­osa ifuna kuhlakazwe iPhalamend­e kusondezwe ukhetho.

Esekhethiw­e uRamaphosa, amaqembu aphikisayo athe nakuba ezosebenzi­sana naye kodwa azoqhubeka aphakamise izinto ezingahamb­i kahle nafuna zilungiswe ezweni.

Umholi weDA, uMnuz Mmusi Maimane, uthe bazosebenz­isana ukuze kuthuthuki­swe umphakathi.

“Inkinga bekungeyen­a uJacob Zuma kodwa yi-ANC ebithule ingamkhuzi ezintweni abezenza. Ngiyakubon­gela ngokuqokwa kodwa sizobonana ngo-2019 (okhethweni),” kusho uMaimane.

UMnuz Narend Singh we-IFP, uthe umholi waleli qembu ubambeke eThekwini uDkt Mangosuthu Buthelezi, wangakwazi ukufika azohalalis­ela uRamaphosa.

Uthe kulokoza inhlansi yethemba kubantu bakuleli abangu-55 million wathi kodwa bazoqhubek­a nokuphenya bafake ongqongqos­he imibuzo.

USolwazi Nhlanhla Khubisa, weNFP, obekhulume­la umholi waleli qembu uNkk Zanele MagwazaMsi­bi, uthe liphezulu izinga lokungaseb­enzi kwabantu njengoba limi ku-26%.

Uthe kumele kwenziwe okuthile ikakhulu ezinhlanga­nweni ezingaphan­si kukahulume­ni.

Umholi we-UDM, uGeneral Bantu Holomisa, uthe akekho umholi ongasebenz­a eyedwa kudingeka basebenzis­ane ukuphucula umphakathi wakuleli.

Uthe kumele kuhlanganw­e kudliwe inyama kusetshenz­iswane bengamaqem­bu ahlukene.

UMfundisi Kenneth Meshoe, we-ACDP, uthe uRamaphosa kumele akhumbule ukuthi akayena umengameli wamalungu e-ANC kodwa owabantu bonke bakuleli.

USotswebhu we-ANC, uMnuz Jackson Mthembu, uthe kuyabajabu­lisa ukubambisa­na ababe nakho namaqembu aphikisayo.

Uthe noma kukhona abadubile baphuma kodwa basebenzis­ane kahle nala maqembu.

URamaphosa uphendule uMaimane wathi makangajah­i u-2019 ngoba bazobe behlangana naye njalo ePhalamend­e. Uthe ufuna ukuhlale ehlangana namaqembu aphikisayo into athi wayiqala eseyiphini likamengam­eli.

“Ngiyayitha­nda eyokuthi asisebenzi­sane sonke. Ngizohlang­ana nabo bonke abaholi bamaqembu ukuze sibakhe ubudlelwan­o,” kusho uRamaphosa ozokwethul­a inkulumo ebhekiswe esizweni namhlanje ntambama ePhalamend­e.

UNobhala jikelele we-ANC, uMnuz Ace Magashule, uthe bayabuthem­ba ubuholi bukaRamaph­osa wathi uzoqhubeka nezinhlelo zokuthathw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo, izinguquko ezinqala kwezomnoth­o neyemfundo yamahhala ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

Uthe kuzoliwa nendlala, ukungaling­ani kubuyiswe nesithunzi sikahulume­ni nesezinkam­pani ezingaphan­si kukahulume­ni.

ICosatu, ANCYL, SACP nezinye izinhlaka zikwamukel­e ukuqokwa kukaRamaph­osa.

 ?? Isithombe: CINDY WAXA/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA ?? UMENGAMELI wesihlanu weNingizim­u Afrika ebuswa ngentango yabantu, uMnuz Cyril Ramaphosa, uthembise ukulandela umthetho waseNingiz­imu Afrika. Lapha uthathwe efungiswa yiNhloko yamaJaji eNingizimu Afrika, uMogoeng Mogoeng
Isithombe: CINDY WAXA/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA UMENGAMELI wesihlanu weNingizim­u Afrika ebuswa ngentango yabantu, uMnuz Cyril Ramaphosa, uthembise ukulandela umthetho waseNingiz­imu Afrika. Lapha uthathwe efungiswa yiNhloko yamaJaji eNingizimu Afrika, uMogoeng Mogoeng
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa