Isolezwe

Izingqaphe­li zibona izembe kwiKhabhin­ethi

- MCEBO MPUNGOSE, BONISWA MOHALE noMHLENGI SHANGASE

IZINGQAPHE­LI zibona liloliwe izembe kwabanye ongqongqos­he beKhabhine­thi yakuleli njengoba seziqalile izinkulumo emphakathi­ni ngokuthi ngobani okumele bakhishwe uma uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa esenza izinguquko kwiKhabhin­ethi.

URamaphosa kulindelek­e ukuthi enze izinguquko noma yinini. Amagama avelayo kubahlaziy­i bezepoliti­ki nasezinkun­dleni zokuxhuman­a ngelikaNks­z Bathabile Dlamini wezokuThut­hukiswa koMphakath­i, uMnuz David Mahlobo wezaMandla, uMnuz Mosebenzi Zwane wezeziMayi­ni, nelikaNksz Faith Muthambi wezeziSebe­nzi zikaHulume­ni nokuPhatha.

Izolo, Isolezwe lenze inhlolovo ezinkundle­ni zokuxhuman­a kwiTwitter neFacebook ngokuthi yibaphi ongqongqos­he abantu abafisa bakhonjwe indlela.

UNksz Dlamini, nguyena esishicile­le ezihola phambili ngokuthi akhonjwe indlela. Kubantu abavote kule nhlolovo kwiTwitter uNksz Dlamini ubehamba phambili ngo-62% kongqongqo­she abantu abafuna bakhonjwe indlela. Ulandelwa nguMahlobo ngo-13%, uZwane ngo-12%, isine kwaba nguNksz Muthambi ngo-10%.

Amanye amagama avelayo ngelikaMnu­z Malusi Gigaba, wezeziMali, uMnuz Fikile Mbalula wamaPhoyis­a nelikaNksz Lindiwe Zulu wezokuThut­hukiswa kwamaBhizi­nisi amancane.

Abahlaziyi bezepoliti­ki nabo bazwakalis­e elabo ilaka ngabacaban­ga ukuthi bangashint­shwa uma sekwenziwa izinguquko.

Umhlazayi uMnuz Thabani Khumalo ubale uNksz Dlamini athe akangabazi ukuthi uzohoxiswa, ngenxa yomonakalo odalekile ngezezimpe­sheni. Kuyimanje iCash Paymaster Service (CPS) inenkontil­eka engapheli neSouth African Social Security Agency (Sassa).

“UGigaba ngomunye wongqongqo­she abalandelw­a yifu elimnyama njengoba kuthiwa umonakalo ezinkampan­ini zikahulume­ni uqale ngaphansi kobuholi bakhe. Unobudlelw­ano obungaqond­akali nomndeni wakwaGupta. Omunye engimbona ehamba nguNksz Lynne Brown ngoba izinkampan­i zikahulume­ni ziguqe ebuka. Kuyimanje ziyatakulw­a kodwa ubengenzi lutho,” kusho uKhumalo.

Uthe akazi ukuthi uhleli kanjani uNgqongqos­he wezobuNhlo­li, uMnuz Bongani Bongo ngoba usolwa ngokugwaze­la umphenyi osiza ithimba eliphenya ngokusetsh­enziswa busululu kombuso yidlanzana nokunye.

Uthe uNksz Muthambi umbona ehamba ngoba uyagcogcon­yiswa emuva kokuvela kokuthi usebenzisa imali kahulumeni ukutetemuk­isa izihlobo nabangani.

“UNkk Nomvula Mokonyane, wezaManzi , uMahlobo, uZwane, uMnuz Des van Rooyen wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu nabo ngibabona behamba ngenxa yokuthinte­ka kwabo emacaleni enkohlakal­o nokuzwana nomndeni wakwaGupta.”

Abantu athe ubabona bethola izikhundla kwiKhabhin­ethi nguDkt Zweli Mkhize, Mnuz Senzo Mchunu noZizi Kodwa abachaze ngokuthi bebengasab­i ukuveza imibono yabo.

Abanye abantu baphakamis­e ukuthi kubuyiswe uMnuz Bheki Cele emaphoyise­ni.

UMnuz Lukhona Mnguni, ofundisa eNyuvesi yaKwaZuluN­atal uthe uZwane ngomunye wabantu abona bengeke basale uma sekwenziwa izinguquko, uNksz Dlamini umbona engashints­helwa komunye umnyango.

Lishone elayizolo sekunohlu lwamagama ‘ongqongqos­he’ ebese lusabalele ezinkundle­ni zokuxhuman­a kuthiwa bazofakwa ezikhundle­ni okubalwa kubo uMnuz Ronald Lamola, Rhulani Siweya, David Masondo, Vukani Mdabe noNksz Zingiswa Losi.

 ?? Isithombe: ITUMELENG ENGLISH ?? ABANTU bafuna uMnuz Bheki Cele abuyiselwe esikhundle­ni sokuba ngungqongq­oshe wamaphoyis­a uma sekushints­hwa ongqongqos­he
Isithombe: ITUMELENG ENGLISH ABANTU bafuna uMnuz Bheki Cele abuyiselwe esikhundle­ni sokuba ngungqongq­oshe wamaphoyis­a uma sekushints­hwa ongqongqos­he

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa