Izingqapheli zibona izembe kwiKhabhinethi
IZINGQAPHELI zibona liloliwe izembe kwabanye ongqongqoshe beKhabhinethi yakuleli njengoba seziqalile izinkulumo emphakathini ngokuthi ngobani okumele bakhishwe uma uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa esenza izinguquko kwiKhabhinethi.
URamaphosa kulindeleke ukuthi enze izinguquko noma yinini. Amagama avelayo kubahlaziyi bezepolitiki nasezinkundleni zokuxhumana ngelikaNksz Bathabile Dlamini wezokuThuthukiswa koMphakathi, uMnuz David Mahlobo wezaMandla, uMnuz Mosebenzi Zwane wezeziMayini, nelikaNksz Faith Muthambi wezeziSebenzi zikaHulumeni nokuPhatha.
Izolo, Isolezwe lenze inhlolovo ezinkundleni zokuxhumana kwiTwitter neFacebook ngokuthi yibaphi ongqongqoshe abantu abafisa bakhonjwe indlela.
UNksz Dlamini, nguyena esishicilele ezihola phambili ngokuthi akhonjwe indlela. Kubantu abavote kule nhlolovo kwiTwitter uNksz Dlamini ubehamba phambili ngo-62% kongqongqoshe abantu abafuna bakhonjwe indlela. Ulandelwa nguMahlobo ngo-13%, uZwane ngo-12%, isine kwaba nguNksz Muthambi ngo-10%.
Amanye amagama avelayo ngelikaMnuz Malusi Gigaba, wezeziMali, uMnuz Fikile Mbalula wamaPhoyisa nelikaNksz Lindiwe Zulu wezokuThuthukiswa kwamaBhizinisi amancane.
Abahlaziyi bezepolitiki nabo bazwakalise elabo ilaka ngabacabanga ukuthi bangashintshwa uma sekwenziwa izinguquko.
Umhlazayi uMnuz Thabani Khumalo ubale uNksz Dlamini athe akangabazi ukuthi uzohoxiswa, ngenxa yomonakalo odalekile ngezezimpesheni. Kuyimanje iCash Paymaster Service (CPS) inenkontileka engapheli neSouth African Social Security Agency (Sassa).
“UGigaba ngomunye wongqongqoshe abalandelwa yifu elimnyama njengoba kuthiwa umonakalo ezinkampanini zikahulumeni uqale ngaphansi kobuholi bakhe. Unobudlelwano obungaqondakali nomndeni wakwaGupta. Omunye engimbona ehamba nguNksz Lynne Brown ngoba izinkampani zikahulumeni ziguqe ebuka. Kuyimanje ziyatakulwa kodwa ubengenzi lutho,” kusho uKhumalo.
Uthe akazi ukuthi uhleli kanjani uNgqongqoshe wezobuNhloli, uMnuz Bongani Bongo ngoba usolwa ngokugwazela umphenyi osiza ithimba eliphenya ngokusetshenziswa busululu kombuso yidlanzana nokunye.
Uthe uNksz Muthambi umbona ehamba ngoba uyagcogconyiswa emuva kokuvela kokuthi usebenzisa imali kahulumeni ukutetemukisa izihlobo nabangani.
“UNkk Nomvula Mokonyane, wezaManzi , uMahlobo, uZwane, uMnuz Des van Rooyen wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu nabo ngibabona behamba ngenxa yokuthinteka kwabo emacaleni enkohlakalo nokuzwana nomndeni wakwaGupta.”
Abantu athe ubabona bethola izikhundla kwiKhabhinethi nguDkt Zweli Mkhize, Mnuz Senzo Mchunu noZizi Kodwa abachaze ngokuthi bebengasabi ukuveza imibono yabo.
Abanye abantu baphakamise ukuthi kubuyiswe uMnuz Bheki Cele emaphoyiseni.
UMnuz Lukhona Mnguni, ofundisa eNyuvesi yaKwaZuluNatal uthe uZwane ngomunye wabantu abona bengeke basale uma sekwenziwa izinguquko, uNksz Dlamini umbona engashintshelwa komunye umnyango.
Lishone elayizolo sekunohlu lwamagama ‘ongqongqoshe’ ebese lusabalele ezinkundleni zokuxhumana kuthiwa bazofakwa ezikhundleni okubalwa kubo uMnuz Ronald Lamola, Rhulani Siweya, David Masondo, Vukani Mdabe noNksz Zingiswa Losi.