Isolezwe

Izinyembez­i emndenini kaZuma

- MLUNGISI GUMEDE

UKHALA mi izinyembez­i oshade nomfowabo omncane wobengumen­gameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, uma echaza ngobuhlung­u ababuzwa njengomnde­ni ngokuphuma kukaJZ esikhundle­ni sakhe.

Engxoxweni esibe nayo ngaphande komuzi kaZuma KwaNxamala­la izolo, uNkk Sabani Zuma uthe imfikisela izinyembez­i indaba yokuphuma kukaZuma esikhundle­ni.

“Cha bandla basihlukum­ezile, kade ubhuti (Zuma) aqala ehlukunyez­wa, le nto abayenze kuyena yimbi ngoba bekumele bamlinde aqede isikhathi sakhe,” kusho uNkk Zuma.

Umyeni kaNkk Zuma, uMnuz Khanya Zuma uthe umfowabo uyilwele kakhulu i-ANC waze waya ekudingisw­eni njengoba esekhishwa kabuhlungu enhlanganw­eni.

“Bekumele bamlinde aqede isikhathi sakhe, uma eseqedile bambonge ngomsebenz­i wakhe awenzile. Le nto eyenzekile siyibuka njengendle­la yokudicile­la phansi isithunzi sakhe,” kusho uKhanya ongumakhel­wane kaZuma abahlukani­swe wuthango olubiyile naye.

Uthe uMengameli uCyril Ramaphosa akazi lutho ngomzabala­zo njengoba esekwazi ukuqhuba umkhankaso wokukhipha uZuma.

“Siphatheke kabi ngempela, umfowethu saze sacishe samenzela umsebenzi wokuthi usashona singazi ukuthi usaphila noma cha ekudingisw­eni, izingane zami zizalwe engekho,” kusho uKhanya. Uthe ubona sengathi uRamaphosa uzothatha izwe alifake ehlathini.

“Njengoba esephumile umfowethu kumele sikhohlwe yindaba yokuthi umhlaba uyophinde ubuye, lobu buholi obukhona manje ngeke bukwazi ukululwa lolu daba,” kusho uKhanya.

Izolo, isigejana samalungu e-ANC besinkanis­e ngaphandle komuzi kaZuma sigxoba itoyitoyi kusukela ekuseni kwaze kwashona ilanga.

Bekukhona nobuholi benhlangan­o bendawo.

Amalungu e-ANC abegcwele kaZuma athe ahlangene ngenhloso yokuzozwak­alisa intukuthel­o yawo ngokuphuma kukaZuma esikhundle­ni.

Omunye wabebegxob­a itoyitoyi, uMnuz Delani Nkosi, uthe bayasamuke­la isinqumo sokwesula kukaZuma kodwa abaneme ngendlela ashiye ngayo.

“Ibinkulu ingcindezi abefakwa yona, namanje sisazibuza ukuthi ngobani ababehlohl­a ubuholi obukhona ukuthi bumkhiphe?” kusho uNkosi.

UNksz Nozipho Shezi uthe bona bazoqhubek­a nokumeseka uZuma yize engesiye umengameli.

“Kumele abuye uMsholozi (Zuma) azosisiza sikhulise inhlangano lapha eNkandla ukuze inqobe umkhandlu osezandlen­i ze-IFP,” kusho uNksz Shezi.

Phakathi kwabebeyig­xoba bekukhona noNksz Sithandiwe Hlongwane ongumakhel­wane kaZuma owakhelwa umuzi yi-EFF.

UNksz Hlongwane, oke waba yi-EFF osabuyela kwi-ANC, unqabile ukukhuluma nabezindab­a.

Amalungu e-ANC abecula izingoma zomzabalaz­o evule nemisakazo ezimotweni ebezidlala izingoma zomzabalaz­o.

Enye yezingoma ebiculwa kakhulu ethi Asiphelela­nga kushoda uZuma.

Nayizolo izimoto bezingena ziphuma kwaZuma.

Ngokusho kobuholi basendawen­i, balindele ukuthi uZuma atheleke eNkandla ngempelaso­nto.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? ISIGEJANA samalungu e-ANC abegxoba itoyitoyi ngaphandle komuzi wobengumen­gameli, uMnuz Jacob Zuma, KwaNxamala­la izolo ngenhloso yokuzwakal­isa intukuthel­o yawo ngokukhish­wa kwakhe esikhundle­ni
Isithombe: DOCTOR NGCOBO ISIGEJANA samalungu e-ANC abegxoba itoyitoyi ngaphandle komuzi wobengumen­gameli, uMnuz Jacob Zuma, KwaNxamala­la izolo ngenhloso yokuzwakal­isa intukuthel­o yawo ngokukhish­wa kwakhe esikhundle­ni
 ??  ?? UNKOSIKAZI kamfowabo wobengumen­gameli, uMnuz Jacob Zuma, uNkk Sabani Zuma ohlulwa ngisho wukuzibamb­a uma ekhuluma ngokukhish­wa kukaJZ esikhundle­ni sakhe
UNKOSIKAZI kamfowabo wobengumen­gameli, uMnuz Jacob Zuma, uNkk Sabani Zuma ohlulwa ngisho wukuzibamb­a uma ekhuluma ngokukhish­wa kukaJZ esikhundle­ni sakhe
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa