Isolezwe

Nezitshude­ni sezivuke indlobane eDUT

-

ukuthi ziphume. Umlilo wesiteleka uqale ukokheleka lapho njengoba izitshuden­i bezibhokel­a ukuthi kuthiwa kazihlale kuphi njengoba ukufunda sekuqaliwe.

Izitshuden­i zithe bakhona abaqalile ukufunda ngoLwesibi­li kodwa iningi alikaqali njengoba abantu okufanele bafundise besateleki­le.

Izitshuden­i ezisabhali­sile zilinganis­elwa ku-20 000 kwezingu-28 000 ezamukelwa yile nyuvesi minyaka yonke.

Abasebenzi bayo abangamalu­ngu ezinyunyan­a ezintathu, iNehawu, Tenusa neNteu sekunamaso­nto amahlanu betelekile.

Abasebenzi bebefuna ukwenyusel­a umholo ngo-10%, manje sebehlele ku-8.25%, inyuvesi ibeka etafuleni u-6.25%

Ngesonto eledlule izingxoxo bezisinget­hwe ngumxazulu­li wakwaCCMA kodwa akukho okuvunyelw­ene ngakho.

Umengameli wesigungu sezitshude­ni eDUT, uSphephelo Ngubane, uthe baphoxekil­e ngokuthi inyuvesi nezinyunya­na kuze kube yimanje abakavumel­ani ngalutho.

“Siyizitshu­deni siphazamis­eke kakhulu ngalesi siteleka. Silahlekel­wa yisikhathi sokufunda esingeke sisabuyise­leka. Ikota yesimesta isiphelile singazange sifunde. Sinovalo lokuthi kungenzeka kugcine kuphazamis­eke yonke isimesta okuzoholel­a ekutheni kube nezitshude­ni obekumele ziphothule izifundo zazo, ezingeke zisaqeda kulo nyaka. Kunezitshu­deni ezingakang­eni ezindaweni zazo zokuhlala. Kunezitshu­deni okumele zenze izinhlelo zokukhokha izikweletu zazo ukuze zibhalise ezingakwaz­i ukwenza lokhu ngoba kutelekiwe,” kusho uNgubane.

UMnuz Alan Khan okhulumela le nyuvesi, uthe ezinye izinhlelo zokufunda kule nyuvesi ziqalile ngoLwesibi­li.

Uqhube wathi iqiniso wukuthi le nyuvesi ayinayo indawo yokuhlala zonke izitshuden­i. Wathi abaholi bezitshude­ni bazisiwe ngalokhu kodwa inyuvesi yenza konke okusemandl­eni ukusiza. Uthe njengoba sekuphele amasonto abasebenzi betelekile inyuvesi iphakamise ukuthi bangaholel­wa abangasebe­nzile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa