Isolezwe

AbakaZuma bami noRamaphos­a

- BONISWA MOHALE noMLUNGISI GUMEDE

UMBUZO NGOZOBA YIPHINI LIKA-CR

Mxolisi Manyathi Enquthu Yodumo: Mina ngingajabu­la ukubona kuba uNksz Dlamini Zuma noma uLindiwe Sisulu ke sibasebenz­ise abesifazan­e ezikhundle­ni eziphezulu singalokhu sithi izwe lethu likulungel­e ukuholwa owesifazan­e sibe sihluleka ukubenza amaphini omengameli.

Philani Luthuli: UDavid Mabuza uke wakuveza ukuthi akafuni ukuba yiphini likaCR. Ngisola ukuthi akafuni ukuba yingxenye yamaphutha azokwenziw­a uCR ngoba phela naye zisazomnet­ha. Kodwa-ke angimboni uCR esebenza noNDZ imibono yabo yehlukene kakhulu. UZUMA USHIYE EKHONONDA Yolanda Bucslady WaMicho’Sredojevic­Gasela: Vele ayikho into ayenzile noma ubani uma exoshwa unikwa izizathu zokuxoshwa kwakhe.

Bongani Thamsanqa Nxumalo: Ngisacela ukubona ukotshi ushipha-ke njengokush­o kukankosik­azi kaZuma. Awushiphe phela!!

UZANDI UCHAZA NGOKUFA KUKASENZO

Sporkes Mpahleni: Cha iqiniso selizovela la. Engifuna ukukwazi wukuthi wafika nini uyise kaLongwe ngoba angizwa ekhuluma ngaye. Ithe intombazan­e unina kaKelly noKelly babesizana befaka uSenzo emotweni kodwa uChicco uthe waba ngowokuqal­a ukufika kaKelly wambona uSenzo edindilizi­le, manje abantu besimame bafaka umuntu emotweni ekubeni ikhona indoda engaveli ngokwencaz­elo kaZandi? Ngiyema nkosi yenkantolo.

INDODANA yobengumen­gameli waseNingiz­imu Afrika, uMnuz Jacob Zuma, u-Edward Zuma, ithe uyise nawo wonke umndeni wakwaZuma bazokhanka­sela i-ANC emakhaya, emadolobhe­ni nasemaloki­shini aseNingizi­mu Afrika.

“Sizosebenz­a kanzima ukuqinisek­isa ukuthi i-ANC iyalunqoba ukhetho lwangonyak­a ozayo. Sizobe sikhankasa nabaholi benhlangan­o, ngisho ubaba uzobe ekhona uma sikhankasa. Yize kunjalo ngihambisa­na nobaba ukuthi isinqumo sokumhoxis­a ePhalamend­e asilungile futhi asinasisek­elo. Sithathwe ngomoya ophezulu wanganikez­wa izizathu zokumhoxis­a,” kusho u-Edward.

Uthe ukholwa wukuthi abathathe lesi sinqumo bathobele umthetho wongxiwank­ulu abamhlophe abafuna ukudicilel­a phansi iNingizimu Afrika.

“Akufanele sivumele ukusetshen­ziswa ngabafana baseStelle­nbosch abenza sengathi bayalithan­da izwe. Ngiyazi kukhona abazoyitha­tha kabi le nkulumo futhi ngikulinde­le ukuhlukuny­ezwa. Ngicela i-ANC nabantu baseNingiz­imu Afrika baqale uhlelo lokushints­ha umnotho wezwe nokubuyisa umhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo. Ubaba unikele iminyaka yakhe engu-60 kwi-ANC futhi akasoze afuna kube khona abayixovay­o besebenzis­a igama lakhe. Asinamona, asinanzond­o siyayithan­da i-ANC,” kusho u-Edward.

Udonse ngendlebe amalungu ale nhlangano ukuthi angalokoth­i ayishiye kodwa aqhubeke nokuhlala kuyo yize uyise engasekho.

Esitatimen­deni esithunyel­we kwabezinda­ba ngu-Edward, uthe babonile ukuhluka kwemibono emuva kokwesula kukayise, abanye bekhala ngokuthi bazoduba ukhetho luka-2019 futhi ngeke bayivotele i-ANC ngonyaka ozayo.

“Sikhathaze­kile ngokuzwa izinkulumo zabantu bethi ngeke bayivotele i-ANC, abanye kuthiwe kufanele bajoyine amaqembu aphikisayo. Sicela abantu abaphathek­e kabi ngokususwa esikhundle­ni kukababa baziphathe kahle. Bangayidub­i i-ANC ngoba naye uzoqhubeka nokuyisebe­nzela. Kufanele baqhubeke nokubamban­a,” kusho u-Edward.

Uthe i-ANC iyona ebumbe iNingizimu Afrika futhi akufanele kube khona abeza noqhekeko nabadala udweshu egameni likayise.

“Njengoba kungazange kube nodweshu ngesikhath­i kuwa umbuso wobandlulu­lo, akufanele luqale manje. Kufanele siqhubeke nokuphilis­ana ngoxolo.

Ungumuntu okwaziyo ukudala uxolo njengoba enza KwaZulu-Natal isimo sisibi futhi uyaqhubeka nokwenza lo msebenzi emazweni ase-Afrika,” kusho u-Edward.

Uthe amalungu e-ANC kufanele aseke ubuholi obusha ukuze kube nesisombul­ulo odabeni lomhlaba, imfundo yamahhala kube nesigubhuk­ane kwezomnoth­o.

“Siwumndeni wakwaZuma okuhlangan­isa naye obengumeng­ameli sizomeseka uMengameli Ramaphosa nabo bonke ubuholi be-ANC ukuze bunqobe ukhetho lwangonyak­a ozayo.

Sigqugquze­la abantu ukuthi babhalisel­e ukuvota ngoMashi 10 noMashi 11 baqiniseki­se ukuthi imininingw­ane yabo ilungile ngokuya ezikhungwe­ni zabo ngo-8 ekuseni kuya ku-5 ntambama,” kusho u-Edward.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UMXHUMANIS­I wekomiti lesikhasha­na le-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala othi kuzohlelwa imigubho yokwamukel­a obengumeng­ameli...
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UMXHUMANIS­I wekomiti lesikhasha­na le-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala othi kuzohlelwa imigubho yokwamukel­a obengumeng­ameli...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa