Isolezwe

I-ANC izohlela imigubho yokwamukel­a uZuma eKZN

- MHLENGI SHANGASE

UZOKWAMUKE­LWA yi-ANC KwaZuluNat­al ngemigubho obengumeng­ameli wezwe uMnuz Jacob Zuma, ethi ushiye umlando omuhle kuhulumeni.

Le nhlangano ithi izobe igubha iminyaka engu-60 uZuma ayichithil­e esebenzela abantu bakuleli. Umxhumanis­i wekomiti lesikhasha­na le-ANC esifundazw­eni uMnuz Sihle Zikalala, uthe akangabazi ukuthi uZuma uzoqhubeka asebenzele inhlangano.

“Kuzoba nemigubho. Sisazomeme­zela izinsuku zayo lapho sizobe sigubha ukusebenze­la abantu bakuleli iminyaka eminingi. Sinxusa zonke izinhlaka nabantu ukuthi beze bazogubha ngamagalel­o kaZuma,” kusho uZikalala esithangam­ini nabezindab­a izolo eThekwini.

UZuma usule ngoLwesith­athu ebusuku ngemuva kokuba isigungu esiphezulu se-ANC sinqume ukumhoxisa kuhulumeni.

UZikalala uthe akumnandi ukuhoxiswa kuhulumeni kodwa uma isinqumo sesithathi­we bayaseseka futhi ngesabo bonke.

“Isinqumo sethu lesi ngoba singamalun­gu esigungu esiphezulu se-ANC. Sizomeseka umengameli we-ANC uRamaphosa (Mnuz Cyril) ngoba kukhona abantu abazitshel­a ukuthi ngeke simeseke,” kusho uZikalala.

Uthe kuzoqhubek­a ukukhula kwe-ANC noma uZuma engasekho sekunoRama­phosa.“Njengoba kuza ukhetho ngo-2019 sizophuma sonke siyokhanka­sela i-ANC ukuze iwine ngamalengi­so. Amaqembu aphikisayo afuna kusondezwe ukhetho adlala ipolitiki, acabanga ukuthi sihlukene kanti akunjalo. Noma kungayiwa okhethweni manje sizowudla umhlangani­so.”

Uthe akulona isiko le-ANC ukuthi kumele kuxoshwe omengameli bezwe uma sekungene umengameli omusha we-ANC.

Ubale ezinye zezinto ezenzekile ngaphansi kobuholi bukaZuma okuwukusat­shalaliswa kwemishang­uzo yokuthithi­balisa ingculazi nokutholak­ala kwayo emakhaya, ukuthuthuk­iswa kwezindawo zasemakhay­a okubalwa ukufakwa ugesi, amanzi, ukuqalwa kohlelo lwemfundo yamahhala ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme, uqinisekis­ile ukuthi elakuleli liyahlonis­hwa ezinhlaken­i ezifana neBrics, SADC ne-African Union.

Ubale ukufihlwa ngenhlonip­ho kowayengum­engameli wezwe uMnuz Nelson Mandela nemidlalo yeNdebe yoMhlaba ngo-2010.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa