Isolezwe

‘Luphelile usizi kubantu baseNingiz­imu Afrika’

- BONISWA MOHALE

IZAZI zomnotho zithi luphelile usizi kwabaseNin­gizimu Afrika emuva kokusula kukaMengam­eli Jacob Zuma okuholele ekusimamen­i kweRandi.

USolwazi Bonke Dumisa uthe izimakethe kudala zakulindel­a ukuthi uZuma ehle esikhundle­ni njengoba iRandi likhombise izimpawu zokusimama kusukela ngoDisemba 8.

“Izimakethe bezikulind­ele ukuthi uZuma asule kodwa ngesikhath­i egoloza iRandi liye lantenga. Okumnandi kubantu wukuthi namhlanje iRandi sivuke lihweba ngoR11.71 okuyizinda­ba ezinhle ngoba lehlile kuR12. Ukusimama kweRandi kusho ukuthi ngeke sikhokhe kakhulu uma sithenga impahla kwamanye amazwe,” kusho uDumisa.

Uthe iRandi likhombisa ukusimama uma liqhathani­swa noPondo wase-United Kingdom njengoba likuR16.40 bese liba nguR14.59 uma liqhathani­swa ne-Euro yamazwe ase-Europe.

“Intengo yokumbiwa phansi nayo inyukile kodwa eyehlile eyeplatinu­m. Okuhle wukuthi intengo kawoyela ongahluziw­e nayo iphansi okusho ukuthi kuzohamba kahle kwezomnoth­o. Ukusimama kweRandi kuhle ngoba kusho ukuthi abatshaliz­imali bazoza eNingizimu Afrika kuthuthuke umnotho bese kudaleka nemisebenz­i,” kusho uDumisa.

Uthe izimakethe ziyamthand­a uRamaphosa ngoba ungumuntu ohlonipha umthetho, okwaziyo ukuxoxisan­a nabantu njengoba ayesezingx­oxweni zeCodesa ngaphambi kokuthi iNingizimu Afrika ibuswe ngentando yabantu futhi uyakuqonda nokuklelis­wa kwezwe yizinkampa­ni ezibheka umnotho emazweni ahlukene.

UDkt Azar Jammine oyi-chief economist kwa-Economteri­x uthe luphelile usizi kubantu baseNingiz­imu Afrika njengoba iRandi lisimeme.

“Ukusimama kweRandi kusho ukuthi luphelile usizi kubantu ngoba abatshaliz­imali bazoza nemali yabo bazoyifaka emnothweni wethu. Uma kuza abatshaliz­imali kudaleka amathuba omsebenzi, kukhule umnotho,” kusho uJammine.

Uthe bathemba ukuthi umnotho uzosimama kodwa lokho kusezandle­ni zikamengam­eli omusha nezinqumo azozithath­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa