Isolezwe

Iphinde yafakwa enkantolo iDelangoku­bona

- BERNADETTE WOLHUTER

INHLANGANO yosomabhiz­inisi ezakhele udumo ngokufuna amathenda ngenkani, iDelangoku­bona Business Forum, isiphinde yafakwa enkantolo ngokuvimbe­la umsebenzi wokulungis­wa komgwaqo waseSani Pass, ezintabeni zoKhahlamb­a.

Inkampani iLoemat Constructi­on, emelwe ngabakwaCo­x Yeats, iye enkantolo eNkulu eThekwini ikhala ngokusatsh­iswa kwabaseben­zi bayo nosonkonti­leka abancane esebenzisa­na nabo, ngamadoda angaziwa.

Iveze ukuthi ukusatshis­wa kwayo sekuholele ekuphazami­sekeni komsebenzi ngoba yesaba ukuthi abasebenzi bayo bazolinyaz­wa.

Esitatimen­deni esifungelw­e, isikhulu esiphezulu sakwaLeoma­t uMnuz Johan Claasens, siveze ukuthi sekube nezigameko eziningana zokusatshi­swa ngabantu abenzisa okwezigebe­ngu befuna umsebenzi ngenkani.

Uthe amalungu eDelangoku­bona afika endaweni abasebenze­la kuyona abatshela ukuthi abayeke ukusebenza futhi azimisele ngokufa uma enganikwa umsebenzi.

“Izinsongo zabo yizona ezisilethe lapha enkantolo. Ukuma komsebenzi kusho ukuphazami­seka komphakath­i ozohlomula ngokuthuth­ukiswa komgwaqo ohlanganis­a iNingizimu Afrika neLesotho. Lo mgwaqo uzolekelel­a kakhulu ohlelweni lokwakhiwa kwedamu elizoba namanzi azosetshen­ziswa kula mazwe,” kusho uClaasens.

Uthe ithenda bayithola ngoEphreli 2016 baqala ukusebenza ngoJulayi wonyaka odlule kodwa kwama umsebenzi emuva kokuthi bephazanyi­siwe, baphinda baqala ukusebenza ngenyanga edlule.

Uthe uthole ucingo komunye wabasebenz­i ekhala ngokuthi kunamadoda amathathu afike ephethe iziqwayi endaweni abasebenze­la kuyo ebaphoqa ukuthi bayeke ukusebenza.

“Laba bantu batshele abasebenzi bethu ukuthi abayeke ukusebenza futhi baphume esayithini. Babasabise ngokuthi uma bengayeki basengozin­i yokufa. Bekukhona nemoto ebivimbe ezinye ukuthi zingene lapho sisebenzel­a khona. La madoda abesabisa wonke umuntu,” kusho uClaasens.

Uthe onogada babo bathinte amaphoyisa kanti amadoda abesabisa atshele amaphoyisa ukuthi angamalung­u eDelangoku­bona.

Athe afuna umsebenzi yize uMnyango wezokuThut­ha uqinisekis­e ukuthi u-30% wenkontile­ka unikezwa osomabhizi­nisi abancane bendawo ngokusho kukaClaase­ns.

Uthe amalungu eDelangoku­bona athe akekho ozosebenza aze athole umsebenzi.

“Sithole incwadi ebavimbela ukuthi basisabise ngoLwesibi­li kodwa ngithe uma ngiya endaweni esisebenze­la kuyo ngathola indoda ezibize ngomkhulum­eli weDelangok­ubona yathi kufanele sihlale silindile ngoba izotshela amalungu ayo ukuthi asilaleli futhi azimisele ukufela izimfuno zawo,” kusho uClaasens esitatimen­deni esifundwe enkantolo.

Icala liqale ngoLwesith­athu kanti iLoemat ithole enye incwadi evimbela iDelangoku­bona ukuthi iphazamise umsebenzi. Icala lizobuyela enkantolo ngenyanga ezayo.

IDelangoku­bona ayitholaka­langa ukuba iphawule izolo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa