Isolezwe

I-BLSA ithi uRamaphosa akasimamis­e umnotho

- BONISWA MOHALE

IBUSINESS Leadership South Africa (BLSA) idonse ngendlebe uMengameli omusha waseNingiz­imu Afrika, uMnuz Cyril Ramaphosa, ukuthi asimamise umnotho wezwe ukuze kudaleke amathuba omsebenzi.

Isikhulu esiphezulu seBLSA, uMnuz Bonang Mohale, uthe uma kusimama umnotho kuzoncipha ububha, kwande amathuba omsebenzi, ikakhuluka­zi entsheni, kwehle negebe elikhula njalo phakathi kwabampofu nabacebile.

“Siyakwamuk­ela ukuqokwa kukaRamaph­osa futhi sifuna alungise isimo enhlanganw­eni eqoqa intela iSouth African Revenue Service (SARS) nakwiNatio­nal Prosecutin­g Authority (NPA) ebonakala sengathi isetshenzi­swa ngabafuna ukufeza izinhloso zabo,” kusho uMohale.

Uthe kufanele kufakwe abaholi abanolwazi lokuletha inzuzo ezinkampan­ini zikahulume­ni eziwayo.

“Sicela uRamaphosa aqinisekis­e ukuthi ikhomishin­i yeJaji Raymond Zondo ephenya ngokulawul­wa kombuso yidlanzana iqala umsebenzi wayo. Kufanele bonke okufanele bashushisw­e bathole ithuba labo enkantolo. Kufanele kuxoxwe nosomabhiz­inisi, abasebenzi nomphakath­i ngezinhleo zokuthuthu­kisa umnotho ngoba abantu badinga ukwazi ukuthi izinto zizolungis­wa kanjani,” kusho uMohale.

Uthe bazoqhubek­a nokusebenz­isana nohulumeni bengosomab­hizinisi kanti bayathemba ukuthi uRamaphosa uzolwa nenkohlaka­lo avuse umnotho wezwe nezinkampa­ni zikahulume­ni eziwayo. kuduke isitifiket­i somculo sebamba likathisha­nhloko ne-laptop yakhe ehhovisi ngoLwesith­athu. Lokhu kuthiwa kutholwe kwelinye ikilasi kulesi sikole.

“Ngithe zonke lezi zinto azingathin­twa kuze kufike amaphoyisa ngoba sihlose ukuvula icala ngokuduka kwazo ehhovisi,” kusho uXimba.

Izolo bebengakal­ivuli icala. Batshele Isolezwe ukuthi basalinde ukuhlangan­a beyisigung­u bese beyovula icala.

 ??  ??
 ?? Isithombe: DUMISANI SIBEKO ?? ISIKHULU seBLSA, uMnuz Bonang Mohale, sithi uRamaphosa kufanele eze nezinhlelo zokuthuthu­kisa umnotho nokudala amathuba omsebenzi
Isithombe: DUMISANI SIBEKO ISIKHULU seBLSA, uMnuz Bonang Mohale, sithi uRamaphosa kufanele eze nezinhlelo zokuthuthu­kisa umnotho nokudala amathuba omsebenzi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa