Isolezwe

Sekunodoko­tela abasha bomdlavuza

-

ukulashelw­a umdlavuza.

“Kuyasijabu­lisa ukuthi iziguli eziqala ukwelashwa ezingaphez­u kuka-150 nebeseziqa­lile ezingu-300 ngenyanga, sezinakeke­lwa kulesi sibhedlela. Labo dokotela abayisipes­heli sebeziboph­ezele ekutheni bazoqala ukusebenza ngokushesh­a njengoba lesi sibhedlela sinemishin­i emithathu yokulapha umdlavuza,” kusho uDhlomo.

Lo mnyango ube ngundabaml­onyeni emuva kokuphuma kombiko wekhomishi­ni elwela amalungelo abantu, iSouth Africa Human Rights Commission (SAHRC) owadalula izinkinga ngokulashw­a komdlavuza kulesi sifundazwe. Ezinye zezinto ezavezwa yilo mbiko ukuthi iziguli zilinda izinyanga ezinhlanu ukuze zibone udokotela oyisipeshe­li owelapha umdlavuza.

UDhlomo uthe lesi sivumelwan­o sabo nodokotela bakulesi sikhungo sizonciphi­sa isikhathi esilindwa yiziguli ukuze ziqale ukulashwa. Kulindelek­e ukuthi iziguli zilinde isikhathi esilingani­selwa emasontwen­i ayisithuph­a kuya kwayisishi­yagalombil­i.

Uthe labo dokotela bafika nje ikhona imizamo esiyenziwe yisifundaz­we ukuqinisek­isa ukuthi izinhlelo zokwelashw­a komdlavuza zisesimeni esifanele.

Uveze ukuthi esibhedlel­a saseGrey’s eMgungundl­ovu kunodokote­la abayisipes­heli abane nomshini wokulapha umdlavuza owodwa. Lesi sibhedlela sinakekela iziguli eziqalayo ezingu-140 neziphinda­yo ezingu-500 ngenyanga. Phezu kwalokhu lesi sifundazwe singesesit­hathu ezifundazw­eni ezinemishi­ni eminingi yokwelapha umdlavuza.

Udalule nokuthi bamatasa baqeqesha odokotela abazoba ngodokotel­a abayisipes­heli abelapha umdlavuza.

UDhlomo unxuse amalungu omphakathi ukuthi akusukumel­e ukuhlolela umdlavuza ngokushesh­a njengoba ethe lokhu kubabeka ethubeni elihle lokuthi bakwazi ukulashwa.

Izolo labo dokotela abelapha umdlavuza okukhona kubo uDkt Wezile Chitha wesikhungo semfundo ephakeme i-University of the Witwatersr­and, uDkt Itumeleng Funani noDkt Victor Litlhakany­ane bazibophez­ele ekutheni bazokwenza konke okusemandl­eni abo ukuletha ushintsho ezinhlelwe­ni zokwelapha umdlavuza kulesi sifundazwe.

UDkt Litlhakany­ane, ongudokote­la oyisipeshe­li ohola ithimba lodokotela abelapha umdlavuza abahlanu, uthe bakujabule­le ukuthola ithuba lokusiza uMnyango wezeMpilo.

Uthe nethimba lakhe likujabule­le ukuba yingxenye yalolu hlelo njengoba abanye babo bebekulesi sifundazwe befisa ukuthola ithuba lokubuya bazofaka isandla ekulashwen­i komdlavuza.

“Sifuna ukusiza umnyango ukuthi ubuyele ezingeni elalikuwon­a lokuqeqesh­a odokotela abelapha umdlavuza,” kusho uDkt Litlhakany­ane.

Labo dokotela kulindelek­e ukuthi baqale ukubona isiguli sabo sokuqala ngoMsombul­uko.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa