Umsindo KwaXimba ngezindlu zomxhaso
SEKUPHINDE kwasuka umsindo emphakathini wakwaXimba, eCato Ridge njengoba kukhona abangeneme ngokuqalwa kohlelo lokwakhiwa kwezindlu zomxhaso.
Kulo mphakathi kuvele kunezinkinga mayelana nokwakhiwa kwesiqiwi njengoba kukhona abakhala ngokuthi abahlomulanga ngomhlaba wabo.
Isolezwe lithole ukuthi sekuphazamiseke uhlelo lokwakhiwa kwezindlu njengoba kukhona abakhala ngokuthi akuqashwanga abantu bendawo futhi abacaciselwanga ngohlelo.
Kuthiwa sekuphoqeleke ukuthi kuqiniswe ezokuphepha ukuze kuqhubeke lolu hlelo lokwakhiwa kwezindlu ku-ward 1.
UMnuz Musawenkosi Ngubane, okhulumela umphakathi onganeme, uthe abaxabene nentuthuko kodwa yindlela okwenzeka ngayo abangayithandi. Uthe ezinye zalezi zindlu zizokwakhiwa esigodini Othweba kodwa izimpahla zibekwa eNtukuso. Bakhala ngokuthi lokhu kuzohlomulisa umphakathi ongathinteki ekwakhiweni kwalezi zindlu.
“Besazi ukuthi kuzokwakhiwa izindlu kodwa asineme ngendlela okwenzeka ngayo njengoba sekusebenza nabantu bangaphandle. Emhlanganweni womphakathi kwakhethwa okumele basebenze kulolu hlelo kodwa abazange baqale. Sesihlele ukubhalela imeya ukuzwakalisa izikhalo zethu,” kuchaza uNgubane.
Uthe nodaba lwesiqiwi aluphelile njengoba ngeSonto bezohlangana ukubhekisisa uhla lwabanikazi bomhlaba okumele bahlomule.
UMnuz Musa Mkhize oyikhansela uthe sekukaningi kuzanywa ukwakhiwa lezi zindlu kodwa kube neqeqebana eliphazamisayo. Uthe yidlanzana elinganeme kodwa linelungelo lokufaka izikhalo ngokulandela imigudu efanele.
“Esikuqaphelile ngukuthi abangeneme ngohlelo yiqeqebana ebelilokhu livimba intuthuko kusukela ngo-2011. Abantu abazosebenza ekwakhiweni kwezindlu bakhethwa wumphakathi bachithwa yilo iqeqebana. Kumanje abantu abasebenzayo ngabakulezi zindawo okuzokwakhiwa kuzo,” kusho uMkhize.
Uphikile ukuthi uke wabizelwa umhlangano emphakathini ngalolu daba. Kunalokho uthe iqeqebana labizwa ukuzozwakalisa izikhalo emhlanganweni wegatsha le-ANC kodwa langazibeka izikhalo.
“Phambilini kuke kwenzeka ukuthi uma siya kulaba bantu abakhalayo silinyazwe njengoba sengake ngasinda ngidutshulwa. Ngeke ngikwazi ukuya kubona ngingenaso isiqiniseko ngokuphepha kwami. Okubuhlungu ukuthi sekuhlaselwa nemindeni eyakhelwayo, kwebiwe nezimpahla zokwakha ukuze kuphazamiseke uhlelo. Anginqabile ukulalela izikhalo uma abantu belandela imigudu,” kusho uMkhize.
Okhulumela uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu esifundazweni, uMnuz Mbulelo Baloyi, uthe basazohlangana ukudingida lolu daba.
“Kusiphatha kabi ukuthi kuphazamiseke uhlelo lwezindlu ngoba ziyisidingo esikhulu kubantu. Uma kukhona ukuphazamiseka nohlelo luhamba kancane, okuyinto ephazamisa intuthuko,” kusho uBaloyi.