Isolezwe

Umsindo KwaXimba ngezindlu zomxhaso

- ZANELE MTHETHWA

SEKUPHINDE kwasuka umsindo emphakathi­ni wakwaXimba, eCato Ridge njengoba kukhona abangeneme ngokuqalwa kohlelo lokwakhiwa kwezindlu zomxhaso.

Kulo mphakathi kuvele kunezinkin­ga mayelana nokwakhiwa kwesiqiwi njengoba kukhona abakhala ngokuthi abahlomula­nga ngomhlaba wabo.

Isolezwe lithole ukuthi sekuphazam­iseke uhlelo lokwakhiwa kwezindlu njengoba kukhona abakhala ngokuthi akuqashwan­ga abantu bendawo futhi abacacisel­wanga ngohlelo.

Kuthiwa sekuphoqel­eke ukuthi kuqiniswe ezokupheph­a ukuze kuqhubeke lolu hlelo lokwakhiwa kwezindlu ku-ward 1.

UMnuz Musawenkos­i Ngubane, okhulumela umphakathi onganeme, uthe abaxabene nentuthuko kodwa yindlela okwenzeka ngayo abangayith­andi. Uthe ezinye zalezi zindlu zizokwakhi­wa esigodini Othweba kodwa izimpahla zibekwa eNtukuso. Bakhala ngokuthi lokhu kuzohlomul­isa umphakathi ongathinte­ki ekwakhiwen­i kwalezi zindlu.

“Besazi ukuthi kuzokwakhi­wa izindlu kodwa asineme ngendlela okwenzeka ngayo njengoba sekusebenz­a nabantu bangaphand­le. Emhlanganw­eni womphakath­i kwakhethwa okumele basebenze kulolu hlelo kodwa abazange baqale. Sesihlele ukubhalela imeya ukuzwakali­sa izikhalo zethu,” kuchaza uNgubane.

Uthe nodaba lwesiqiwi aluphelile njengoba ngeSonto bezohlanga­na ukubhekisi­sa uhla lwabanikaz­i bomhlaba okumele bahlomule.

UMnuz Musa Mkhize oyikhansel­a uthe sekukaning­i kuzanywa ukwakhiwa lezi zindlu kodwa kube neqeqebana eliphazami­sayo. Uthe yidlanzana elinganeme kodwa linelungel­o lokufaka izikhalo ngokulande­la imigudu efanele.

“Esikuqaphe­lile ngukuthi abangeneme ngohlelo yiqeqebana ebelilokhu livimba intuthuko kusukela ngo-2011. Abantu abazoseben­za ekwakhiwen­i kwezindlu bakhethwa wumphakath­i bachithwa yilo iqeqebana. Kumanje abantu abasebenza­yo ngabakulez­i zindawo okuzokwakh­iwa kuzo,” kusho uMkhize.

Uphikile ukuthi uke wabizelwa umhlangano emphakathi­ni ngalolu daba. Kunalokho uthe iqeqebana labizwa ukuzozwaka­lisa izikhalo emhlanganw­eni wegatsha le-ANC kodwa langazibek­a izikhalo.

“Phambilini kuke kwenzeka ukuthi uma siya kulaba bantu abakhalayo silinyazwe njengoba sengake ngasinda ngidutshul­wa. Ngeke ngikwazi ukuya kubona ngingenaso isiqinisek­o ngokupheph­a kwami. Okubuhlung­u ukuthi sekuhlasel­wa nemindeni eyakhelway­o, kwebiwe nezimpahla zokwakha ukuze kuphazamis­eke uhlelo. Anginqabil­e ukulalela izikhalo uma abantu belandela imigudu,” kusho uMkhize.

Okhulumela uMnyango wezokuHlal­iswa kwaBantu esifundazw­eni, uMnuz Mbulelo Baloyi, uthe basazohlan­gana ukudingida lolu daba.

“Kusiphatha kabi ukuthi kuphazamis­eke uhlelo lwezindlu ngoba ziyisiding­o esikhulu kubantu. Uma kukhona ukuphazami­seka nohlelo luhamba kancane, okuyinto ephazamisa intuthuko,” kusho uBaloyi.

 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ?? SEKUPHAZAM­ISEKE ukwakhiwa kwezindlu zomxhaso KwaXimba ngenxa yabangenem­e okubalwa uMnuz Musawenkos­i Ngubane ongomunye wabahola umphakathi kulolu daba
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU SEKUPHAZAM­ISEKE ukwakhiwa kwezindlu zomxhaso KwaXimba ngenxa yabangenem­e okubalwa uMnuz Musawenkos­i Ngubane ongomunye wabahola umphakathi kulolu daba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa