‘Ngeke siziyeke izigebengu zichanase’
EMUVA kwezivuvaba ezehlukene zokutholana phezulu ngenhlamvu kwamaphoyisa nezigebengu, amaphoyisa axwayisa ngokuthi ngeke aziyeke izigebengu zichanase.
NgoLwesithathu ntambama amaphoyisa adubulane nezigebengu emgwaqweni uGwala, eLamontville, kwalimala isigebengu esisodwa esinye salunywa yinja yamaphoyisa. Zombili izigebengu ziqashwe ngamaphoyisa esibhedlela.
Ibamba lomkhuzi wamaphoyisa, uMajor General Bheki Langa, uthe izigebengu ngeke bazinike ithuba lokuzichanasela.
“Siyajabula ukuthi akukho iphoyisa elilimele. Sizoqhubeka nokubheka abanye abenza ubugebengu sibabophe. Abasesibhedlela sizobheka ukuthi abathinteki yini kwamanye amacala enzeke eThekwini nakwezinye izindawo,” kusho uLanga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kutholwe izibhamu ezimbili nezimpahla ezebiwe kubasolwa.
“Uphenyo luveza ukuthi abasolwa abane bebehamba ngeMercedes Benz beyogqekeza umuzi oseCorlia Avenue, eBayview. Amaphoyisa athole ulwazi ngale moto ebonakale ibaleka endaweni yobugebengu ibheke eLamontville. Abasolwa babe sebedubula amaphoyisa, aphendula nawo,” kusho uGwala.
Uthe bayaqhubeka nophenyo njengoba kukhona abanye abasolwa abasasele.
“Imoto esetshenzisiwe kutholakale ukuthi yantshontshwa eMbilo ngeledlule. Esinye sezibhamu esitholwe kubasolwa kuvele ukuthi sathathwa kade kugqekezwa komunye umuzi eDurban North. Laba bazobhekana necala lokutholwa nezibhamu ezingekho emthethweni, impahla entshontshiwe nelokuzama ukubulala. Kuzokwengezwa icala lokuduna imoto eMbilo nokugqekeza umuzi eBayview naseDurban North.”
NgeSonto KwaMashu kudutshulwe amadoda ayisithuba okuthiwa abambe inkunzi isitolo sobucwebe.
ENsuze kuboshwe amadoda amane ngobugebengu, eMgungundlovu kwaboshwa amahlanu nawo asolwa ngokuba yizigebengu.
Ngeledlule amaphoyisa athele othulini amadoda awu-10 okuthiwa abeyobamba inkunzi ezehlakalweni zobugebengu ezehlukene.