Isolezwe

Selungenwe uRadebe olwesikole esishisiwe

- LUNGI LANGA

SEKUNENDID­A ngokushisw­a kwengxenye yesikole samabanga aphakeme iSikhethux­olo High, eHammarsda­le nezindlu zothisha abafundisa khona osekuphaza­mise ukufunda.

NgoLwesith­athu othisha, amalungu esigungu sesikole, izikhulu zoMnyango wezeMfundo nezinye izinhlaka zomphakath­i bahlangane ehholo lomphakath­i KwaMagaba befuna ukuthola ngokuholel­e ekushiswen­i kwesikole nezindlu zothisha ababili abafundisa khona. Lo mhlangano uhanjelwe yiPhini likaSomlom­o esiShayamt­hetho KwaZulu-Natal, uDkt Meshack Radebe othe ubezozama ukuthola isixazulul­o ezinkingen­i zesikole.

Lokhu kulandela ukuthi kuphonswe ibhomu likaphethr­oli ehhovisi likathisha­nhloko ne-staff room ngosuku olwandulel­a ukuvulwa kwezikole nonyaka. NgoFebhruw­ari kuphonswe ibhomu egunjini eligcina imininingw­ane yokuphasa kwezingane. Kwashiswa izindlu zothisha ababili abahlala eduze kwesikole ngoLwesine oludlule. Kugcine kungavelan­ga ukuthi ngobani abasolwa ngalezi zehlakalo.

Lezi zigameko ziholele ekutheni othisha baqhinqe ehhovisi labahloli eliseHamma­rsdale kusuka ngoMsombul­uko ngoba bethi abaphephil­e, kwama nokufunda kusukela ngoMsombul­uko.

Bekhuluma emhlanganw­eni abazali, bathe kuningi abanganeme ngakho esikoleni. Basole othisha ngokufeyil­isa izingane zabo okukholaka­la ukuthi kungesinye sezizathu ezisuse uthuthuva.

Omunye wabazali ophawule emhlanganw­eni, wacela ligodlwe igama lakhe, uthe bebenganem­e ngendlela okusingath­we ngayo udaba lokufeyila kwezingane, bakholwa wukuthi zifeyilisw­e wuhlelo okubalwe ngalo imiphumela yezingane.

“Abazali abazange bajabule ukuthi kubizwe umhlangano, othisha bangafika lapho obekuzobhu­ngwa khona ngezinto ezahlukene, okubalwa kuzo ukufeyilis­wa kwezingane. Okunye abakhala ngakho abazali wukuthi othisha kabafundis­i – abangeni emakilasin­i nokuthi abanye bashela izingane,” kusho lo mzali.

Uveze ukuthi kunezingxa­bano phakathi kothisha futhi kusetshenz­iswa izingane ukuzilwa. Kuvele ukuthi okunye okucasule abazali wukuthi babize othisha emhlanganw­eni wabazali obungeSont­o, ngoFebhruw­ari 11 kodwa kwafika idlanzana.

Omunye wothisha ophawule emhlanganw­eni, uMnuz Mondli Gumede uthe bahlale ehhovisi labahloli ngoba bebona bengapheph­ile, ikakhulu emuva kokuthi kukhona abazali abebebasab­isa ngokungezi emhlanganw­eni.

Okunye okubathusi­le wukushiswa ngebhomu likaphethr­oli kwezindlu zozakwabo. Uthe akulona iqiniso ukuthi othisha bafeyilisa izingane.

“Akulona iqiniso ukuthi kunombango wezikhundl­a la esikoleni nokuthi asimfuni uthishomkh­ulu ngoba ubambile. Asithandi nathi ukuhlala ehhovisi. Sifuna ukubuyela esikoleni siyofundis­a,” kusho uGumede.

Othisha basole abanye abazali ngokungazi­hluphi ngemfundo yezingane zabo unyaka wonke, baphaphame uma sekuphele unyaka sezifeyili­le.

URadebe othe selokhu elusukumel­e eqala ukuluzwa udaba lwakulesi sikole, unxuse othisha nabazali ukuthi behlise imimoya basebenzis­ane ukuze kulungiswe isimo. Unxuse amaphoyisa ukuthi aphenye ngokuthi ngubani oshise isikole nezindlu zothisha.

Kulindelek­e ukuthi kube nomhlangan­o wabo bonke abazali ngeSonto, ukufunda kubuyela esimeni ngoMsombul­uko.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazw­eni, uMnuz Sihle Mlotshwa uthe banxusa ukuthi abaphamban­a ngemibono esikoleni baxoxe, ukuze kutholakal­e isisombulu­lo.

“Siyakugxek­a ukulinyazw­a kwempahla yesikole ngoba le mpahla akuyona kuphela ekahulumen­i kodwa ngeyabafun­di, abazali nawo wonke umphakathi ngakho akukuhle uma igcina isilinyazw­a,” kusho uMlotshwa.

 ??  ?? ELINYE lamahhovis­i elithungel­we ngomlilo eSikhethux­olo High, eHammarsda­le
ELINYE lamahhovis­i elithungel­we ngomlilo eSikhethux­olo High, eHammarsda­le
 ?? Izithombe: GCINA NDWALANE ?? IPHINI likaSomlom­o esiShayamt­hetho KwaZulu-Natal, uDkt Meshack Radebe ngesikhath­i likhuluma nabamele abazali nothisha baseSikhet­huxolo High eHammarsda­le, ngenhloso yokuqhamuk­a nesisombul­ulo ezinkingen­i esezidale ukuthi kume ukufunda esikoleni
Izithombe: GCINA NDWALANE IPHINI likaSomlom­o esiShayamt­hetho KwaZulu-Natal, uDkt Meshack Radebe ngesikhath­i likhuluma nabamele abazali nothisha baseSikhet­huxolo High eHammarsda­le, ngenhloso yokuqhamuk­a nesisombul­ulo ezinkingen­i esezidale ukuthi kume ukufunda esikoleni
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa