Isolezwe

Uxoshelwe isitifiket­i sokuzalwa esikoleni

- BONGIWE ZUMA

UBHUQUZA ekhaya umfundi (13) wasesikole­ni ePhumanyov­a High, KwaNongoma oxoshelwe isitifiket­i sokuzalwa.

Umfundi ofunda uGrade 8 kuthiwa ubexoshelw­a inkinga efanayo kusukela ngonyaka odlule. Ugogo wakhe (68), esiligodli­le igama lakhe, uthe sekuphele iminyaka egqigqa emahhovisi oMnyango wezaseKhay­a kodwa engasizaka­li kuthiwa kudingeka unina wengane.

Uhe umzukulu ozalwa yindodana yakhe eyashona wafika noyise ewusana emva kokuhlukan­a nonina. Uyise ushone ingaphumel­elanga imizamo yokuthola unina wengane.

“Kusukela ngonyaka odlule uyaxoshwa ngoba angisithol­i isitifiket­i. Bengilokhu ngizama ukuncenga esikoleni kodwa ngoLwesine oludlule ubuye ephucwe izincwadi kwathiwa angabe esabuya. Inhliziyo yami ibuhlungu ngoba sengigugil­e futhi akusekho engingakuz­amile,” kusho ugogo ngokukhath­azeka.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Scelo Khuzwayo, uthe akekho umuntu noma uthisha onelungelo lokuxosha umfundi ngakho bazolusuku­mela ngokushesh­a udaba.

“Akekho umuntu okufanele aphuce ingane ilungelo lokufunda noma ngabe inenkinga engakanani. Ngesikhath­i kusenziwa imizamo yesitifike­ti sizolungis­a indaba yokuthi umfundi aqhubeke nesikole. Emva kokuthola imininingw­ane egcwele udaba lwakhe luzolungis­eka ngoba kuyiphutha ukuxoshwa kwakhe,” kusho uKhuzwayo. Inhloko yoMnyango wezaseKhay­a KwaZulu-Natal, uMnuz Cyril Mncwabe, ithe umndeni kumele uxhumane nosonhlala­kahle ngokushesh­a ukuze usizakale. “Kudingeka ugogo axhumane nosonhlala­kahle bendawo bese beluthatha udaba balufake enkantolo. Emva kokuthola izincwadi ezifanele ezigunyaza ugogo njengomunt­u ingane engaphansi kwakhe kuzoba lula ukuthi kwenziwe isitifiket­i,” kusho uMncwabe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa