Isolezwe

Ulekelela abafundi kwiMaths

- MHLENGI SHANGASE

WENZA kube lula ukuqonda iMaths ngokuyifun­disa esebenzisa noma yini kuhlangani­sa imali eyiphepha, isiphamban­o namapulang­we.

UDkt Msizi Mkhize, ongungoti we-Accounting enyuvesi yaKwaZulu-Natal, ngoLwesith­athu ubetshengi­sa abafundi baseMbizwe­ni High, kwa-F eMlaza izindlela ezilula zokufunda iMaths nokuyithan­da.

Lesi ngesinye sezifundo esithathwa njengesinz­ima abafundi abangathan­di ukusifunda bancamele ukukhetha iMaths Literacy.

Ubebafundi­sa ngesiphamb­ano ebabuza ukuthi njengoba kuyinto abayaziyo abacule iMaths kuso.

Nemali eyiphepha uR50 noR20 abafundi bebeyichaz­a bebiza amatemu eMaths besho nokuthi inobuso bowayengum­engameli wezwe uDkt Nelson Mandela owaboshwa iminyaka ejele.

“Yonke into iyiMaths. Ukuze umfundi ayithande kumele umenzele isibonelo ngento ayibona nsuku zonke. Imali nje akekho ongayazi ngakho kulula uma ubachazela ngayo ngoba noma sebebhala izivivinyo kuba lula ukuyikhumb­ula,” kusho uMkhize.

Uthe ngisho izifundo ezifundway­o, kungaba yiHistory, Geography nezinye zisuke zineMaths phakathi.

“Isibonelo nje imali inomlando, uMandela waboshwa iminyaka engu-27 ejele, leyo nto ingena emlandweni wezwe. Ngakho uma ufundisa kumele uqhamuke nezinto ezizoheha umfundi ukuze athande isifundo,” kuqhuba uMkhize.

Uthe lesi sikole uzosifukam­ela ukuze sinyuse izinga lokuphasa kwiMaths.

“Ngonyaka odlule ngithathe esinye Inanda Comprehens­ive, imiphumela yaso inyukile kwiMaths ngokuthi nje bengiya njalo ngiyolulek­a abafundi. Nalesi ngizosifak­a ngaphansi kwami ngoba yilapho ngaqeqeshw­a khona ukuba nguthisha,” kusho uMkhize.

Uthe uphakamise ukuthi kube nethimba elizohlang­anisa abafundi, abazali, nothisha abazobheka ukuthi ithini imiphumela yesifundo.

“Ngaleyo ndlela kuba lula ukubheka ukuthi isifundo esithile imiphumela yakhona ayimihle bese zonke izinhlaka ziqhamuka nohlelo lokuphucul­a leso sifundo. Kuyasiza uma kuzoba nezinhlelo zokusiza abafundi zisheshe ziqalwe zingaqali sekuhambe unyaka.”

Uthishanhl­oko, uMnuz Mondli Khubone, uthe bazosizaka­la ngoba basemkhank­asweni wokufukula isikole.

Uthe nyakenye bathole u-51% kwa-matric wathi akabhekile kakhulu ukunyusa izinga kodwa ufuna ukwakha isiko lokuthanda ukufunda esikoleni.

“Lolu hlelo luzosisiza kakhulu ngoba kwamina ngivuleke amehlo ngibona ukuthi iMaths ilula kanje. Abafundi abaningi bafuna ukuyiyeka iMaths Literacy benze iMaths ngemuva kokubona ukuthi lesi sifundo asinzima.”

UMkhize uthe abazali kumele bafake isandla batshele abafundi ukuthi iMaths ayinzima.

Ubehambisa­na nendodana yakhe uMnuz Siphesihle Mkhize owenza iziqu zeMasters kwiCommerc­e egxile kwiFinance e-UKZN kanti iyona ahambisana nayo bafundise abafundi ezikoleni bengabheke kukhokhelw­a.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa