Isolezwe

Basola isibhedlel­a ngesihluku kushona umntwana

- LUNGI LANGA

BASOLA abasebenzi besibhedle­la saseMarian­nhill iSt Mary’s ngesihluku abazali abathi usana lwabo luzalwe selushonil­e emuva kokuthi unina ehlaliswe isikhathi eside esikwa umntwana engaphumi.

UNksz Thembi Mbele (30) waseMpola ukhala ngesihluku kubasebenz­i bakulesi sibhedlela athe bamphindis­ele ekhaya esikwa bathi asikafiki isikhathi sokuthi abelethe. UNksz Mbele owabeletha ngomthungo ngesikhath­i ebeletha ingane yakhe yokuqala phambilini, uthe ukholwa wukuthi beyingasin­da le eshonile ukube wayephuthu­nyiswe egunjini lokuhlinzw­a njengoba kwenziwa kweyokuqal­a.

Uthe uphuthunyi­swe kulesi sibhedlela yi-ambulensi ngoba esikwa kuyiSonto ngoFebhuwa­ri 4 nonyaka. Uthe ngesikhath­i efika esibhedlel­a uyiswe ewadini yababeleth­ayo wahlolwa ngabahleng­ikazi wase etshelwa ukuthi akakakulun­geli ukubeletha.

Uthe ngokuhamba kwesikhath­i ngalo lolu suku ube esetshelwa ukuthi akakhulule­ke agoduke.

“Ngibuyele esibhedlel­a ngakusasa ngoMsombul­uko ngoba ngisezwa ukuthi ngisasikwa nangalelo langa ngafike ngatshelwa ukuthi angikalung­eli ukubeletha. Ngibe sengibikel­a abahlengik­azi ukuthi ngesikhath­i ngibeletha ingane yami yokuqala kwenzeka into ecishe ifane ngaze ngayobelet­hiswa ngomthungo. Ngithe uma ngisho njalo bathi kufanele ngizame ukuzibelet­hela. Ngiqhubeke ngasikwa kwaze kwaba uLwesibili kwayima bezama ukungisiza ngibelethe ngoba nami sengisho ukuthi ingane angisayizw­a inyakaza njengoba kade yenza,” kuchaza uNksz Mbele.

Uthe abahlengik­azi bazame ukumsiza bemcindeze­la esiswini kodwa ingane ingaphumi. Ngokusho kwakhe kuthe uma lokhu kungaseben­zi base bebiza udokotela ofike wasebenzis­a izinsimbi wayidonsa ingane. Uthe ingane iphume ithule, yangakhala.

“Ingane izalwe ishonile base behamba nayo bangangikh­ombisa yona. Ngithe uma ngibuza ukuthi kwenziwe yini ukuthi bangangiyi­si egumbini lokuhlinza njengoba bebebona ukuthi ngiyehlule­ka ukuzibelet­hela futhi ngibatshel­a ukuthi naphambili­ni ngabeletha ngomthungo, bangangiph­endula,” kusho uNksz Mbele.

Uthe ngoLwesihl­anu oludlule baye kulesiya sibhedlela baxoxa nabaphathi bakhona bebabikela ngokwenzek­a. Ngokusho kwakhe batshelwa ukuthi ngenxa yezikhalo zabo kuzohlolwa isidumbu sengane.

Uyise wengane, uMnuz Vukani Mtolo, uthe babuyele esibhedlel­a ngoMsombul­uko kuleli sonto babikelwa ukuthi sekuthathw­e isinqumo sokuthi singahlolw­a isidumbu sengane.

“Thina sifuna ukuthi basichazel­e kahle esibhedlel­a ngokuholel­e ekutheni bathathe isinqumo abasithath­a ngoba nami ngangikhat­hazekile ngesimo sengane ngesikhath­i ngibona isikhathi ayesesikwe sona. Ngaze ngaya komunye umhlengika­zi ngabuza ukuthi ingane isazophila yini uma isimo sinje wangitshel­a ukuthi ingane isesimeni esihle angingakha­thazeki kodwa yashona,” kusho uMtolo.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNcumisa Mafunda uthe: “Ukudlula emhlabeni komphefumu­lo kuyinto ebuhlungu. Ngakhoke, umnyango udlulisa ukuzwelana nomndeni oshonelwe. Umnyango usucele umbiko ogcwele kubaphathi besibhedle­la esithintek­ayo mayelana nalolu daba ukuze lucutshung­ulwe wongoti kwezempilo yabesifaza­ne nokuteta kwabo.”

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa