Bafuna ziye ezikoleni izinhlelo zokuhlola ingculazi
INHLANGANO yezempilo iMédecins Sans Frontières/Doctors Without Borders (MSF) ithe kufanele zihlinzekwe ezikoleni izinhlelo zokuhlola igciwane lengculazi.
UNksz Ntombi Gcwensa, oweseka iziguli nomphakathi ezinhlelweni zeMSF esifundeni saseKing Cetshwayo, eShowe, uthe kumele izinhlelo zokuzivikela egciwaneni lengculazi zihlinzekwe ukuze zisetshenziswe abafundi abazidingayo.
“Akubo bonke abafundi abavumelana ngokuthi kuhlinzekwe amakhondomu ezikoleni kodwa kubalulekille ukuthi abawafunayo bawathole kalula,” kusho uNksz Gcwensa.
Imibiko yaphambilini iveze ukuthi balinganiselwa ku-803 abafundi abakhulelwe ezikoleni zaKwaZulu-Natal ngo-2016. Kubona kubalwa nabangu-19 okuthiwa babenza uGrade 3.
UNksz Gcwensa uthe sebethole imiphumela emihle ngokuhlinzeka izinhlelo zokuzivikela egciwaneni lengculazi nokuhlolela leli gciwane ezikoleni ezahlukene eKing Cetshwayo. Nyakenye uMnyango weMfundo eyisisekelo ukhiphe umgomo ozosiza ekutheni abafundi bahlinzekwe ngezinhlelo zokuzivikela egciwaneni lengculazi nasekukhulelweni. Le nhlangano ikhala ngokuthi lo mgomo awukasebenzi ezikoleni.
Uthe kusuka ngo-2012 le nhlangano ibambisene noMnyango wezeMfundo ukuhlinzeka izinhlelo zezempilo ezikoleni ezingu-50 eKing Cetshwayo.
Lokhu sekuholele ekutheni kuhlolelwe igciwane lengculazi kubafundi abangu-4 500. Kukholakala ukuthi bangu-158 abafundi abatholakale benegciwane lengculazi phakathi kuka-2016 no-2017 nasebexhunyaniswe nemitholampilo eseduze ukuze bathole imishanguzo.
UNksz Gcwensa uthe abazali baqale bangayithandisisa indaba yokuhlolwa kwezingane zabo kodwa emuva kokuxoxisana nabo bagcine bevumile.
“Sacacisa ngokubaluleka kokuhlola ngokushesha ngaphambi kokugula. Sakhombisa ukuthi kungenzeka kalula ukuthi abafundi bahlolwe ngabodwana nokuthi imiphumela yabo ngeke ibonwe abanye abantu njengoba behlola evenini engumahambanendlwana,” kuchaza uNksz Gcwensa.
Le nhlangano ithe kubeka abafundi engcupheni ukudembesela koMnyango wezeMfundo eyisiSekelo ukuqinisekisa ukuthi imigomo yokuzivikela egciwaneni lengculazi, yezifo ezithelelana ngokocansi nofuba iyasebenza ezikoleni.
Ngesikhathi bexoxisana nezingane ezikoleni bathole ukuthi abafundi bayakujabulela ukuthola izinhlelo zokuhlolwa igciwane lengculazi.
Omunye wabafundi, uYenziwa Shembe ofunda uGrade 11 eShowe High, uthe bancamela ukuthola usizo lwezempilo esikoleni kunokuthi baye edolobheni.
“Kulula kakhulu ukuthola izinhlelo zokuhlolwa igciwane lengculazi esikoleni kunokuthi siye edolobheni sibone abantu abasaziyo nabangagcina sebesicwasa uma siya emtholampilo noma siya ematendeni okuhlolwa kuwo (emiphakathini),” kusho uYenziwe.
UMnuz Elijah Mhlanga woMnyango weMfundo eyisiSekelo uthe abakhala ngokugqoza kokufakwa kwezinhlelo zokulwa nezifo ezikoleni kungenzeka ukuthi abaqondi ukuthi lokhu kwenziwa kanjani.
Uthe kuqale kusungulwe imigomo iphasiswe bese kuhlanganiswa uhlelo lokuthi lolu hlelo luzosebenza kanjani okubalwa nokuqeqeshwa kwabantu abazobe belusebenza.
Uthe kusukela ngoMsombuluko bazoba nezithangami zokuqeqesha abazohola lezi zinhlelo. Uthe kuyadumaza ukuthi kukhona abathi kuyagqoza ukulethwa kwezinhlelo ikakhulukazi uma kungabantu abasemkhakheni wezempilo abakuqondayo ukuthi akujahwa uma kuzolethwa izinhlelo zalolu hlobo kodwa kudingeka ukuthi izinhlelo zihlelelwe ngendlela.
UMhlanga uthe kusetshenzwe kanzima ukuze kufikwe lapho sekufikwe khona futhi bazokwenza okusemandleni ukuthi izinhlelo zilethwa ngempumelelo. “Kumele kuqashelwe nokuthi umgomo ngeke uxazulule zonke izinkinga ngokushesha kodwa ngenye indlela yokulwa nenkinga,” kusho uMhlanga.