Ukulwa neHIV akugxile kuma-blesser
KUDINGEKA ukuthi kugxilwe kuma-blesser empini yokulwa nokusabalala kwegciwane lengculazi.
UNkk Hermina Manjekana Dyeshana wohlelo olubhekele izingane nabesifazane enhlanganweni yezempilo iRight to Care, uthe izinhlelo zezempilo ezigxile ekunqandeni igciwane lengculazi kufanele zibabheke abesilisa abathandana nezingane ezincane abavame ukubizwa ngama-blesser no-sugar daddy.
Uthe ama-blesser yiwo athelela izingane zamantombazane ezisencane ngegciwane lengculazi.
UNkk Dyeshana uthe laba balisa bavame ukuba ngabesilisa asebekhulile abaya ocansini namantombazane asemancane, bawanike imali nezimpahla ezibizayo bese beya nawo ocansini olungavikelekile.
“Esikwaziyo wukuthi kunesibalo esikhulu sabesilisa asebekhulile abanegciwane lengculazi, anophathina abaningi abathandana nawo. Bancane kakhulu kubona abazaziyo ukuthi banalo igciwane lengculazi, iningi labo lincamela ukungahloli.
Labo abasuke besanda kungenwa yigciwane basengozini enkulu yokulidlulisela. Okubi wukuthi abayi ezikhungweni zezempilo ukuyothola usizo okuyikhona okukhathazayo,” kusho uNkk Dyeshana.
Uthe kudingeka ukuthi izinhlelo zezempilo zibhekiswe ekuxhumaneni nalaba besilisa.
Ngokusho kwakhe le nhlangano inezinhlelo ezigxile ekuhambeleni ezindaweni zobumnandi, amahhotela, amarenki nasezinkampanini ngenhloso yokuxhumana nabantu besilisa.
Izibalo zakuleli zikhombisa ukuthi abantu besifazane abasebancane yibona abanesibalo esiphezulu sabantu abanegciwane lengculazi.
UNkk Dyeshana uthe iningi labantu besifazane abasebencane lisuke lingenayo imali yokuthenga izinto elizidingayo, lokhu kugcina sekwenza kube lula ukuthi balale nabantu besilisa abadala ukuze bathole imali.
Uthe yize kunesidingo sokugxila kuma-blesser abakubheke kakhulu ukuvikela abantu abasha.
Uthe bagqugquzela ukuthi kube nezikhungo ezigxile kubantu abasha lapho abantu abasha bengakwazi ukuya kalula, bayothola usizo lwezempilo ngaphandle kokuzizwa becwasekile.
Lezi zikhungo kufanele zihlinzeke usizo lokuvikela izifo ezithelelana ngocansi, okubalwa kuzo igciwane lengculazi, ukuvikela isifo sofuba nokunye.