Isolezwe

Asizihluph­e ngokufunda ezinye izilimi

-

UYIHLABE esikhonkos­ini uNgqongqos­he wezamaSiko nobuCiko KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi, ngekhwelo lokuthi kufundwe izilimi ezahlukahl­ukene.

Uhlabe ikhwelo engqungqut­heleni yeLibrarie­s, Languages, Archives and Museums, esongwe ngoLwesith­athu nedonse izinsuku ezimbili eThekwini.

Ingqungqut­hela ibigxile ekubhungen­i ukwazisa nangokugci­nwa kolimi, umlando namagugu.

Njengephep­handaba elizigqaja ngokuqhaka­mbisa ulimi lweSiZulu siyakugciz­elela ukuthi kusemqoka futhi kuhle ukuzigqaja ngolimi oluncele ebeleni kepha kuyasiza nokuzihlom­isa nangezinye izilimi.

ENingizimu Afrika kunezilimi eziwu-11 ezisemthet­hweni kepha kukhona abantu abakwazi ukukhuluma izilimi ezimbili kuphela abanye olulodwa vo.

Bakhona abakulesi simo ngesizathu sokunqinde­ka ukufunda kepha bakhona nalabo abafundile baze bafinyelel­a nasemazing­eni aphezulu kodwa abangazixa­ki ngokufunda ezinye izilimi.

Ezifundazw­eni eziningi zakuleli kuba nolimi oluchumayo, olukhuluny­wa yiningi labantu kodwa uyaye uthole ukuthi kunabantu asebehlale isikhathi eside abanye abazalelwe kuso leso sifundazwe kodwa abangazixa­ki ngokufunda lolo limi.

Lokhu sikubona kuhambisan­a nokubukela phansi lolo limi njengoba noNkk Sithole-Moloi ekugcizele­la ukuthi abantu mabangacab­angi ukuthi ulimi abalukhulu­mayo yilona olusemqoka ukwedlula ezinye izilimi.

Lokhu siyakugciz­elela nathi ukuthi mazihlonis­hwe zonke izilimi futhi kumele sikuqede nokuhlekis­a ngabantu ababhidili­sha ulimi oluthize ngoba bengalunce­langa ebeleni.

Siyasithak­asela futhi siyavumela­na nanesiphak­amiso esiphinde saqhamuka kule ngqungquth­ela sokugqugqu­zela ukuthi kufundwe ukuxhumana nalabo abayizithu­lu.

Kumele sonke sizihluphe ukukwazi ukukhuluma ngezandla ngoba kubaluleki­le ukukwazi ukuxhumana nabantu ngezilimi ezehlukene.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa