Isolezwe

USathane akazi namhabulo lowo sekuthiwa uxabanise i-ANC

-

OKAVOLOS njengembon­gi kaSathane mvumeleni anitshele okusemqond­weni nasenhlizi­yweni yakhe ngoba abantu baqamba amanga bathi izinto bazenziswe nguye. Kwabangazi kuzofanele bazi ukuthi ngonyaka owedlule ngakhetha ukuzibeka ngibe wumkhulume­li kaSathane ngoba ngibona eqanjelwa amanga kuthiwe ungene nakubefund­isi wabagilisa imikhuba edida amakholwa. Okokuqala engifisa kucace wukuthi umntakaSat­hane unawo amandla okuwisa ikholwa lilale libheke phezulu kuhle kwekokoros­he.

Okungelona iqiniso ngoSathane wukuthi kuthiwe uyakwazi ukungena emakholwen­i amaningi ngesikhath­i esisodwa. Uma amakholwa ehlangana ngomqondo ongcolile wokuthi afuna ukuvukela umfundisi noma asefuna ukuqembuka asungule elinye ibandla kusuke kungeyena uSathane owenza lokho. Uma amakholwa egila imikhuba efuze leyo kufanele kwaziwe ukuthi ayiqhamuki kuLusifa kodwa isuswa wumoya wokuganga ovunguza ezinhliziy­weni zalawo makholwa.

Njengenyos­i kaSathane ngiyanazis­a ukuthi udiniwe futhi uphoxekile ngokuthi aqanjelwe amanga kuthiwe nguyena oxova i-ANC njengoba ixabene ingasabhek­ani. ULusifa ufisa nazi ukuthi yena akayazi ipolitiki futhi akawazi nomhabulo okuthiwa uyahabulis­wa kaKhongolo­se. Uma abantu be-ANC bethi abamfuni uZuma kufanele kwazeke ukuthi akuyena uSathane ongene kubona wathi abachithe uZuma kodwa basuke bezisukelw­a wufuqufuqu lwepolitik­i yasqenjini labo.

MaSolezwe uSathane ukhathazek­e kakhulu ngale ngxabano yeBig NUZ noDJ Tira ngoba sekunabant­u abahamba befafaza ukuthi yimisebenz­i kaSathane edala uqhekeko phakathi kwalaba baculi. OkaSathane kuyamcika ukuthi aqanjelwe amanga ngoba yena uthi akazazi nalezi zingoma zoTira noMampints­ha okuthiwa bekufanele ziqoshwe zagcina zingaqoshw­anga. UTira neBig NUZ kufanele bangacashi ngoSathane bathi ungene phakathi kwabo, kufanele basitshele ukuthi yini ebangwayo ukuze sikwazi ukubasiza.

USathane uphinde wangicela ukuthi ngisho ukuthi akakaze asebenzisa­ne nenhlangan­o eyengamele ukhetho yaseMelika njengoba sekunabant­u abathi uMengameli Donald Trump walethwa yingelosi kaSathane. USathane uyaziqhele­lanisa nale mikhuba egilwa nguTrump. Uma uTrump ethuka amanye amazwe athi ayimigodi yezindlu zangasese kufanele kwazeke ukuthi kusuka emlonyeni wakhe obhedayo. Okunye okubalulek­ile uSathane afisa kwaziwe wukuthi akahlangen­e nenkinga yokushoda kwamanzi eCape Town. USathane uthi yena akakaze awadale amanzi futhi akanawo amandla okuwaqeda, uma imvelo kaNkulunku­lu iqeda imanzi kufanele kuthandazw­e kucelwe kuyena kungagxekw­a uSathane ongakaze adale ngisho idamu elilodwa.

MaSolezwe uSathane uphinde wagcizelel­a ukuthi akafuni nimuphe imiyezane angenayo njengokuth­i kuthiwe nguyena ogangisa abantu koFacebook noWhatsApp. USathane ukubeke kwacaca ukuthi yena waxoshwa ezulwini zingakabib­ikho izinto ezifana nezingcing­o namaTV, uma kunomuntu ogila imikhuba ngokuthi asebenzise izinto eziwubuchw­epheshe besimanjem­anje kufanele kwaziwe ukuthi akuyona imisebenzi kaSathane ngoba akakwazi ngisho ukuchofa iselula.

ULusifa uthe angimedlul­isele umyalezo wokuthi ucela abantu bayeke ukuqamba amanga bathi izimali zika-MMM zadliwa nguSathane. OkaSathane uyaziqhele­lanisa namabhanoy­i, amaemail nezitokofe­la zemali ezigcina ngokuthi kuxatshanw­e sekunabath­ile ababaleke nemali yabanye.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa