USathane akazi namhabulo lowo sekuthiwa uxabanise i-ANC
OKAVOLOS njengembongi kaSathane mvumeleni anitshele okusemqondweni nasenhliziyweni yakhe ngoba abantu baqamba amanga bathi izinto bazenziswe nguye. Kwabangazi kuzofanele bazi ukuthi ngonyaka owedlule ngakhetha ukuzibeka ngibe wumkhulumeli kaSathane ngoba ngibona eqanjelwa amanga kuthiwe ungene nakubefundisi wabagilisa imikhuba edida amakholwa. Okokuqala engifisa kucace wukuthi umntakaSathane unawo amandla okuwisa ikholwa lilale libheke phezulu kuhle kwekokoroshe.
Okungelona iqiniso ngoSathane wukuthi kuthiwe uyakwazi ukungena emakholweni amaningi ngesikhathi esisodwa. Uma amakholwa ehlangana ngomqondo ongcolile wokuthi afuna ukuvukela umfundisi noma asefuna ukuqembuka asungule elinye ibandla kusuke kungeyena uSathane owenza lokho. Uma amakholwa egila imikhuba efuze leyo kufanele kwaziwe ukuthi ayiqhamuki kuLusifa kodwa isuswa wumoya wokuganga ovunguza ezinhliziyweni zalawo makholwa.
Njengenyosi kaSathane ngiyanazisa ukuthi udiniwe futhi uphoxekile ngokuthi aqanjelwe amanga kuthiwe nguyena oxova i-ANC njengoba ixabene ingasabhekani. ULusifa ufisa nazi ukuthi yena akayazi ipolitiki futhi akawazi nomhabulo okuthiwa uyahabuliswa kaKhongolose. Uma abantu be-ANC bethi abamfuni uZuma kufanele kwazeke ukuthi akuyena uSathane ongene kubona wathi abachithe uZuma kodwa basuke bezisukelwa wufuqufuqu lwepolitiki yasqenjini labo.
MaSolezwe uSathane ukhathazeke kakhulu ngale ngxabano yeBig NUZ noDJ Tira ngoba sekunabantu abahamba befafaza ukuthi yimisebenzi kaSathane edala uqhekeko phakathi kwalaba baculi. OkaSathane kuyamcika ukuthi aqanjelwe amanga ngoba yena uthi akazazi nalezi zingoma zoTira noMampintsha okuthiwa bekufanele ziqoshwe zagcina zingaqoshwanga. UTira neBig NUZ kufanele bangacashi ngoSathane bathi ungene phakathi kwabo, kufanele basitshele ukuthi yini ebangwayo ukuze sikwazi ukubasiza.
USathane uphinde wangicela ukuthi ngisho ukuthi akakaze asebenzisane nenhlangano eyengamele ukhetho yaseMelika njengoba sekunabantu abathi uMengameli Donald Trump walethwa yingelosi kaSathane. USathane uyaziqhelelanisa nale mikhuba egilwa nguTrump. Uma uTrump ethuka amanye amazwe athi ayimigodi yezindlu zangasese kufanele kwazeke ukuthi kusuka emlonyeni wakhe obhedayo. Okunye okubalulekile uSathane afisa kwaziwe wukuthi akahlangene nenkinga yokushoda kwamanzi eCape Town. USathane uthi yena akakaze awadale amanzi futhi akanawo amandla okuwaqeda, uma imvelo kaNkulunkulu iqeda imanzi kufanele kuthandazwe kucelwe kuyena kungagxekwa uSathane ongakaze adale ngisho idamu elilodwa.
MaSolezwe uSathane uphinde wagcizelela ukuthi akafuni nimuphe imiyezane angenayo njengokuthi kuthiwe nguyena ogangisa abantu koFacebook noWhatsApp. USathane ukubeke kwacaca ukuthi yena waxoshwa ezulwini zingakabibikho izinto ezifana nezingcingo namaTV, uma kunomuntu ogila imikhuba ngokuthi asebenzise izinto eziwubuchwepheshe besimanjemanje kufanele kwaziwe ukuthi akuyona imisebenzi kaSathane ngoba akakwazi ngisho ukuchofa iselula.
ULusifa uthe angimedlulisele umyalezo wokuthi ucela abantu bayeke ukuqamba amanga bathi izimali zika-MMM zadliwa nguSathane. OkaSathane uyaziqhelelanisa namabhanoyi, amaemail nezitokofela zemali ezigcina ngokuthi kuxatshanwe sekunabathile ababaleke nemali yabanye.