Isolezwe

Kwenziwa yini sibe nomengamel­i wezwe bese siba nomama wesizwe?

-

MHLELI: Ngisengumf­ana omncane ofuna ukukhulisw­a ngokolwazi ikakhuluka­zi ngokwesint­u sakithi kwaZulu.

Nginokudid­eka ikakhuluka­zi uma ngilalele izindaba, uzwe umethuli wazo ekhuluma ngokuthi umama wesizwe ebe esho inkosikazi kamengamel­i, kepha umengameli sithi umengameli wezwe.

Bese ngizibuza ukuthi amakhosika­zi eSilo wona omama bani?

Ngokolwazi lwami oluncane ngazi ukuthi isizwe wuhlangoth­i lwabantu abakhuluma ulimi oluthile ikakhuluka­zi ngokwesiNg­uni.

Bese izwe sikhuluma lapho abantu bezilimi ezihlangen­e bebuswa wumengamel­i othize njengoba iNingizimu Afrika iyizwe hhayi isizwe.

Bengingath­okoza uma umfo kaTshathug­odo noNgizwe Mchunu bengayikhu­luma le ndaba njengabant­u abanolwazi ngezinto zesintu.

Ngiyacela basakazi ke nisibuyise nakhu silahleka olwimini lwethu, asazi nalezi zingane eziza ngemuva sizozifund­isani ngoba into ezwakala emsakazwen­i bayibona kuyiyona elungile kepha le yesizwe nezwe iyadida.

Umengameli uma engamele izwe kusobala unkosikazi wakhe umama wezwe hhayi wesizwe.

Isizwe sibuswa ngamakhosi ngokwazi kwami njengoba ngishilo ngathi ngiselinko­nyane elisancela bengingath­okoza kubafundi uma ekhona onolwazi oluhlukile kimi angisize. Ngiyathemb­a abafundi ngeke bagcine ngokusiphe­ndula uma kungukuthi esikubhali­le kubathunuk­a izilonda.

Okokugcina iSwazini iyini yizwe noma yisizwe? Isezithebe­ni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa