Isolezwe

Kungathi kudayiswa nezimpukan­e eSpar eMkhuze

-

Mpha Shabalala EMNAMBITHI MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele. Ngithi ake ngikhuze nawu umhlola esibhekene nawo esitolo sakwaSpar eMkhuze.

Ngiyafisa ukuthi abezempilo nabezenhla­nzeko yezitolo nabavikeli babathengi bangenelel­e.

Kulesi sitolo sakwaSpar eMkhuze ubunuku obukhona buyesabisa futhi badayisa nezinto esezidlule­lwe yisikhathi.

Ekudleni okudayiswa khona okuphekiwe kundiza izimpukane ungafunga ukuthi nazo ziyadayisw­a. Ukudla akumbozwa ngendlela.

Emafrijini abo maningi amathuba okuthola izinto esezidlule­lwe yisikhathi nasekudlen­i okungaphek­iwe. Uma ukhala kwimenenja yakhona ivele ithi hamba uyothenga la uthanda khona. Umbuzo engizibuza wona wukuthi ngabe abayikhath­alele yini impilo yomuntu omnyama noma yingoba bazi ukuthi izitolo ezikhona kuleli dolobha zincane?

Ngibhala nje kuthe ngomhla ka-27 Januwari 2018 ngathenga u-castor oil khona. Ngathi uma sengizowup­huza ngabheka i-expiry date, ngathola ukuthi usudlulelw­e yisikhathi. Ngabuyela khona ngiyokhala esitolo. Saya la engiwuthat­he khona nezinye izimenenja sathola ukuthi wonke obukhona usudlulelw­e yisikhathi. Okubuhlung­u kunakho konke wukuthi baphinde bazifakele i-expiry date ngaphansi kwale endala. Wadlulelwa yisikhathi ngo-31 Disemba 2017 bona base befaka elinye iphepha elithi uzodlulelw­a yisikhathi ngo-31 Disemba 2021.

Ngicela lusukunyel­we lolu daba. MS Mazivila EMLINGO-MKUZE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa