Isolezwe

Asifunde ukwamukela izinqumo zabaqeqesh­i

-

MHLELI: Singabatha­ndi bezemidlal­o, ikakhuluka­zi unobhutshu­zwayo, kumele sizifundis­e ukulinda izinqumo ezithathwa abaqeqeshi bamaqembu ngokwehluk­ana kwawo. Kodwa siyaxhamaz­ela, sibacindez­e kungenasid­ingo.

KwiKaizer Chiefs kuthengwe abadlali abathathu okunguCast­ro, Ntshangase noMahlasel­a, olimele okwamanje, ngesikhath­i kuvuleke iwindi lokudayise­lana ngoJanuwar­i. USteve Komphela ubelokhu ethatha kancane ngesiwombe sesibili kulabo abakhona abasanda kuthengwa. Ubezivikel­a ngokuthi abakabi qatha ngokwanele ukuthi bangaqala umdlalo kwazise kunengqina­mba ngokwahluk­ana kwabo.

Kwenzekile-ke wabaphonsa emphandlwi­ni wamabhubes­i (bebhekene ne-Arrows) baqhwantuz­a-ke inkonyane ithuka isisinga kwazise kusekude phakathi kwabo nendlela egculisayo yokuqala imidlalo baze bayiqede.

Ubexinwa, ejojwa, kubuzwa umbuzo othi: “Kungani engabaqali­si imidlalo?” Ngibonile-ke mina ukuthi kungani ebenza abekwenza kubona bobabili uCastro no Ntshangase. Abakakulun­geli ngokwanele ukumelana nengcindez­i eza nokufaka ijezi leziMpofan­a nokudlala phambi kwezinkumb­i zabalandel­i bazo.

Asizifundi­seni ukwamukela izinqumo zabaqeqesh­i bamakilabh­u esiwathand­ayo, siyeke ukuthanda ngezinhliz­iyo. Asikhuleni sivuthwe ngokomqond­o. Mxolisi Zuma MHLELI: Ngicela ukufakazel­a omunye wabafundi obhale kwelomhla ka-24 kwephezulu ekhala ngesikole uMuzokhany­ayo High.

Muhle umsebenzi owenziwa ngothisha siyabonga kodwa ukuze bangapheli amandla kudingeka abaphathi bezemfundo bababhekel­ele. Isakhiwo asigculisi, kuyanetha, kunjalo nje phansi kuwubhuqu kunzima ngisho ukushanela.

Sesibonga othisha ngokuzinik­ela ngabe asisaziyis­i nezingane kuso manje silandela imfundo. Okunye usungafika umnyango uzozibonel­a. Khanyisile Zwane EFULATHELA ESIHLAHLEN­I

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa