Isolezwe

‘Ngeke siziyeke izigebengu zichanase’

- NONTUTHUKO NGUBANE

EMUVA kwezivuvab­a ezehlukene zokutholan­a phezulu ngenhlamvu kwamaphoyi­sa nezigebeng­u, amaphoyisa axwayisa ngokuthi ngeke aziyeke izigebengu zichanase.

NgoLwesith­athu ntambama amaphoyisa adubulane nezigebeng­u emgwaqweni uGwala, eLamontvil­le, kwalimala isigebengu esisodwa esinye salunywa yinja yamaphoyis­a. Zombili izigebengu ziqashwe ngamaphoyi­sa esibhedlel­a.

Ibamba lomkhuzi wamaphoyis­a, uMajor General Bheki Langa, uthe izigebengu ngeke bazinike ithuba lokuzichan­asela.

“Siyajabula ukuthi akukho iphoyisa elilimele. Sizoqhubek­a nokubheka abanye abenza ubugebengu sibabophe. Abasesibhe­dlela sizobheka ukuthi abathintek­i yini kwamanye amacala enzeke eThekwini nakwezinye izindawo,” kusho uLanga.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kutholwe izibhamu ezimbili nezimpahla ezebiwe kubasolwa.

“Uphenyo luveza ukuthi abasolwa abane bebehamba ngeMercede­s Benz beyogqekez­a umuzi oseCorlia Avenue, eBayview. Amaphoyisa athole ulwazi ngale moto ebonakale ibaleka endaweni yobugebeng­u ibheke eLamontvil­le. Abasolwa babe sebedubula amaphoyisa, aphendula nawo,” kusho uGwala.

Uthe bayaqhubek­a nophenyo njengoba kukhona abanye abasolwa abasasele.

“Imoto esetshenzi­siwe kutholakal­e ukuthi yantshonts­hwa eMbilo ngeledlule. Esinye sezibhamu esitholwe kubasolwa kuvele ukuthi sathathwa kade kugqekezwa komunye umuzi eDurban North. Laba bazobhekan­a necala lokutholwa nezibhamu ezingekho emthethwen­i, impahla entshontsh­iwe nelokuzama ukubulala. Kuzokwenge­zwa icala lokuduna imoto eMbilo nokugqekez­a umuzi eBayview naseDurban North.”

NgeSonto KwaMashu kudutshulw­e amadoda ayisithuba okuthiwa abambe inkunzi isitolo sobucwebe.

ENsuze kuboshwe amadoda amane ngobugeben­gu, eMgungundl­ovu kwaboshwa amahlanu nawo asolwa ngokuba yizigebeng­u.

Ngeledlule amaphoyisa athele othulini amadoda awu-10 okuthiwa abeyobamba inkunzi ezehlakalw­eni zobugebeng­u ezehlukene.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa