Selungenwe uRadebe olwesikole esishisiwe
SEKUNENDIDA ngokushiswa kwengxenye yesikole samabanga aphakeme iSikhethuxolo High, eHammarsdale nezindlu zothisha abafundisa khona osekuphazamise ukufunda.
NgoLwesithathu othisha, amalungu esigungu sesikole, izikhulu zoMnyango wezeMfundo nezinye izinhlaka zomphakathi bahlangane ehholo lomphakathi KwaMagaba befuna ukuthola ngokuholele ekushisweni kwesikole nezindlu zothisha ababili abafundisa khona. Lo mhlangano uhanjelwe yiPhini likaSomlomo esiShayamthetho KwaZulu-Natal, uDkt Meshack Radebe othe ubezozama ukuthola isixazululo ezinkingeni zesikole.
Lokhu kulandela ukuthi kuphonswe ibhomu likaphethroli ehhovisi likathishanhloko ne-staff room ngosuku olwandulela ukuvulwa kwezikole nonyaka. NgoFebhruwari kuphonswe ibhomu egunjini eligcina imininingwane yokuphasa kwezingane. Kwashiswa izindlu zothisha ababili abahlala eduze kwesikole ngoLwesine oludlule. Kugcine kungavelanga ukuthi ngobani abasolwa ngalezi zehlakalo.
Lezi zigameko ziholele ekutheni othisha baqhinqe ehhovisi labahloli eliseHammarsdale kusuka ngoMsombuluko ngoba bethi abaphephile, kwama nokufunda kusukela ngoMsombuluko.
Bekhuluma emhlanganweni abazali, bathe kuningi abanganeme ngakho esikoleni. Basole othisha ngokufeyilisa izingane zabo okukholakala ukuthi kungesinye sezizathu ezisuse uthuthuva.
Omunye wabazali ophawule emhlanganweni, wacela ligodlwe igama lakhe, uthe bebenganeme ngendlela okusingathwe ngayo udaba lokufeyila kwezingane, bakholwa wukuthi zifeyiliswe wuhlelo okubalwe ngalo imiphumela yezingane.
“Abazali abazange bajabule ukuthi kubizwe umhlangano, othisha bangafika lapho obekuzobhungwa khona ngezinto ezahlukene, okubalwa kuzo ukufeyiliswa kwezingane. Okunye abakhala ngakho abazali wukuthi othisha kabafundisi – abangeni emakilasini nokuthi abanye bashela izingane,” kusho lo mzali.
Uveze ukuthi kunezingxabano phakathi kothisha futhi kusetshenziswa izingane ukuzilwa. Kuvele ukuthi okunye okucasule abazali wukuthi babize othisha emhlanganweni wabazali obungeSonto, ngoFebhruwari 11 kodwa kwafika idlanzana.
Omunye wothisha ophawule emhlanganweni, uMnuz Mondli Gumede uthe bahlale ehhovisi labahloli ngoba bebona bengaphephile, ikakhulu emuva kokuthi kukhona abazali abebebasabisa ngokungezi emhlanganweni.
Okunye okubathusile wukushiswa ngebhomu likaphethroli kwezindlu zozakwabo. Uthe akulona iqiniso ukuthi othisha bafeyilisa izingane.
“Akulona iqiniso ukuthi kunombango wezikhundla la esikoleni nokuthi asimfuni uthishomkhulu ngoba ubambile. Asithandi nathi ukuhlala ehhovisi. Sifuna ukubuyela esikoleni siyofundisa,” kusho uGumede.
Othisha basole abanye abazali ngokungazihluphi ngemfundo yezingane zabo unyaka wonke, baphaphame uma sekuphele unyaka sezifeyilile.
URadebe othe selokhu elusukumele eqala ukuluzwa udaba lwakulesi sikole, unxuse othisha nabazali ukuthi behlise imimoya basebenzisane ukuze kulungiswe isimo. Unxuse amaphoyisa ukuthi aphenye ngokuthi ngubani oshise isikole nezindlu zothisha.
Kulindeleke ukuthi kube nomhlangano wabo bonke abazali ngeSonto, ukufunda kubuyela esimeni ngoMsombuluko.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Sihle Mlotshwa uthe banxusa ukuthi abaphambana ngemibono esikoleni baxoxe, ukuze kutholakale isisombululo.
“Siyakugxeka ukulinyazwa kwempahla yesikole ngoba le mpahla akuyona kuphela ekahulumeni kodwa ngeyabafundi, abazali nawo wonke umphakathi ngakho akukuhle uma igcina isilinyazwa,” kusho uMlotshwa.