Uxoshelwe isitifiketi sokuzalwa esikoleni
UBHUQUZA ekhaya umfundi (13) wasesikoleni ePhumanyova High, KwaNongoma oxoshelwe isitifiketi sokuzalwa.
Umfundi ofunda uGrade 8 kuthiwa ubexoshelwa inkinga efanayo kusukela ngonyaka odlule. Ugogo wakhe (68), esiligodlile igama lakhe, uthe sekuphele iminyaka egqigqa emahhovisi oMnyango wezaseKhaya kodwa engasizakali kuthiwa kudingeka unina wengane.
Uhe umzukulu ozalwa yindodana yakhe eyashona wafika noyise ewusana emva kokuhlukana nonina. Uyise ushone ingaphumelelanga imizamo yokuthola unina wengane.
“Kusukela ngonyaka odlule uyaxoshwa ngoba angisitholi isitifiketi. Bengilokhu ngizama ukuncenga esikoleni kodwa ngoLwesine oludlule ubuye ephucwe izincwadi kwathiwa angabe esabuya. Inhliziyo yami ibuhlungu ngoba sengigugile futhi akusekho engingakuzamile,” kusho ugogo ngokukhathazeka.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Scelo Khuzwayo, uthe akekho umuntu noma uthisha onelungelo lokuxosha umfundi ngakho bazolusukumela ngokushesha udaba.
“Akekho umuntu okufanele aphuce ingane ilungelo lokufunda noma ngabe inenkinga engakanani. Ngesikhathi kusenziwa imizamo yesitifiketi sizolungisa indaba yokuthi umfundi aqhubeke nesikole. Emva kokuthola imininingwane egcwele udaba lwakhe luzolungiseka ngoba kuyiphutha ukuxoshwa kwakhe,” kusho uKhuzwayo. Inhloko yoMnyango wezaseKhaya KwaZulu-Natal, uMnuz Cyril Mncwabe, ithe umndeni kumele uxhumane nosonhlalakahle ngokushesha ukuze usizakale. “Kudingeka ugogo axhumane nosonhlalakahle bendawo bese beluthatha udaba balufake enkantolo. Emva kokuthola izincwadi ezifanele ezigunyaza ugogo njengomuntu ingane engaphansi kwakhe kuzoba lula ukuthi kwenziwe isitifiketi,” kusho uMncwabe.