Ulekelela abafundi kwiMaths
sebebhala izivivinyo kuba lula ukuyikhumbula,” kusho uMkhize.
Uthe ngisho izifundo ezifundwayo, kungaba yiHistory, Geography nezinye zisuke zineMaths phakathi.
“Isibonelo nje imali inomlando, uMandela waboshwa iminyaka engu-27 ejele, leyo nto ingena emlandweni wezwe. Ngakho uma ufundisa kumele uqhamuke nezinto ezizoheha umfundi ukuze athande isifundo,” kuqhuba uMkhize.
Uthe lesi sikole uzosifukamela ukuze sinyuse izinga lokuphasa kwiMaths.
“Ngonyaka odlule ngithathe esinye Inanda Comprehensive, imiphumela yaso inyukile kwiMaths ngokuthi nje bengiya njalo ngiyoluleka abafundi. Nalesi ngizosifaka ngaphansi kwami ngoba yilapho ngaqeqeshwa khona ukuba nguthisha,” kusho uMkhize.
Uthe uphakamise ukuthi kube nethimba elizohlanganisa abafundi, abazali, nothisha abazobheka ukuthi ithini imiphumela yesifundo.
“Ngaleyo ndlela kuba lula ukubheka ukuthi isifundo esithile imiphumela yakhona ayimihle bese zonke izinhlaka ziqhamuka nohlelo lokuphucula leso sifundo. Kuyasiza uma kuzoba nezinhlelo zokusiza abafundi zisheshe ziqalwe zingaqali sekuhambe unyaka.”
Uthishanhloko, uMnuz Mondli Khubone, uthe bazosizakala ngoba basemkhankasweni wokufukula isikole.
Uthe nyakenye bathole u-51% kwamatric wathi akabhekile kakhulu ukunyusa izinga kodwa ufuna ukwakha isiko lokuthanda ukufunda esikoleni.
“Lolu hlelo luzosisiza kakhulu ngoba kwamina ngivuleke amehlo ngibona ukuthi iMaths ilula kanje. Abafundi abaningi bafuna ukuyiyeka iMaths Literacy benze iMaths ngemuva kokubona ukuthi lesi sifundo asinzima.”
UMkhize uthe abazali kumele bafake isandla batshele abafundi ukuthi iMaths ayinzima.
Ubehambisana nendodana yakhe uMnuz Siphesihle Mkhize owenza iziqu zeMasters kwiCommerce egxile kwiFinance e-UKZN kanti iyona ahambisana nayo bafundise abafundi ezikoleni bengabheke kukhokhelwa.