Basola isibhedlela ngesihluku kushona umntwana
BASOLA abasebenzi besibhedlela saseMariannhill iSt Mary’s ngesihluku abazali abathi usana lwabo luzalwe selushonile emuva kokuthi unina ehlaliswe isikhathi eside esikwa umntwana engaphumi.
UNksz Thembi Mbele (30) waseMpola ukhala ngesihluku kubasebenzi bakulesi sibhedlela athe bamphindisele ekhaya esikwa bathi asikafiki isikhathi sokuthi abelethe. UNksz Mbele owabeletha ngomthungo ngesikhathi ebeletha ingane yakhe yokuqala phambilini, uthe ukholwa wukuthi beyingasinda le eshonile ukube wayephuthunyiswe egunjini lokuhlinzwa njengoba kwenziwa kweyokuqala.
Uthe uphuthunyiswe kulesi sibhedlela yi-ambulensi ngoba esikwa kuyiSonto ngoFebhuwari 4 nonyaka. Uthe ngesikhathi efika esibhedlela uyiswe ewadini yababelethayo wahlolwa ngabahlengikazi wase etshelwa ukuthi akakakulungeli ukubeletha.
Uthe ngokuhamba kwesikhathi ngalo lolu suku ube esetshelwa ukuthi akakhululeke agoduke.
“Ngibuyele esibhedlela ngakusasa ngoMsombuluko ngoba ngisezwa ukuthi ngisasikwa nangalelo langa ngafike ngatshelwa ukuthi angikalungeli ukubeletha. Ngibe sengibikela abahlengikazi ukuthi ngesikhathi ngibeletha ingane yami yokuqala kwenzeka into ecishe ifane ngaze ngayobelethiswa ngomthungo. Ngithe uma ngisho njalo bathi kufanele ngizame ukuzibelethela. Ngiqhubeke ngasikwa kwaze kwaba uLwesibili kwayima bezama ukungisiza ngibelethe ngoba nami sengisho ukuthi ingane angisayizwa inyakaza njengoba kade yenza,” kuchaza uNksz Mbele.
Uthe abahlengikazi bazame ukumsiza bemcindezela esiswini kodwa ingane ingaphumi. Ngokusho kwakhe kuthe uma lokhu kungasebenzi base bebiza udokotela ofike wasebenzisa izinsimbi wayidonsa ingane. Uthe ingane iphume ithule, yangakhala.
“Ingane izalwe ishonile base behamba nayo bangangikhombisa yona. Ngithe uma ngibuza ukuthi kwenziwe yini ukuthi bangangiyisi egumbini lokuhlinza njengoba bebebona ukuthi ngiyehluleka ukuzibelethela futhi ngibatshela ukuthi naphambilini ngabeletha ngomthungo, bangangiphendula,” kusho uNksz Mbele.
Uthe ngoLwesihlanu oludlule baye kulesiya sibhedlela baxoxa nabaphathi bakhona bebabikela ngokwenzeka. Ngokusho kwakhe batshelwa ukuthi ngenxa yezikhalo zabo kuzohlolwa isidumbu sengane.
Uyise wengane, uMnuz Vukani Mtolo, uthe babuyele esibhedlela ngoMsombuluko kuleli sonto babikelwa ukuthi sekuthathwe isinqumo sokuthi singahlolwa isidumbu sengane.
“Thina sifuna ukuthi basichazele kahle esibhedlela ngokuholele ekutheni bathathe isinqumo abasithatha ngoba nami ngangikhathazekile ngesimo sengane ngesikhathi ngibona isikhathi ayesesikwe sona. Ngaze ngaya komunye umhlengikazi ngabuza ukuthi ingane isazophila yini uma isimo sinje wangitshela ukuthi ingane isesimeni esihle angingakhathazeki kodwa yashona,” kusho uMtolo.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNcumisa Mafunda uthe: “Ukudlula emhlabeni komphefumulo kuyinto ebuhlungu. Ngakhoke, umnyango udlulisa ukuzwelana nomndeni oshonelwe. Umnyango usucele umbiko ogcwele kubaphathi besibhedlela esithintekayo mayelana nalolu daba ukuze lucutshungulwe wongoti kwezempilo yabesifazane nokuteta kwabo.”