Isolezwe

Ukulwa neHIV akugxile kuma-blesser

- INTATHELI YESOLEZWE

KUDINGEKA ukuthi kugxilwe kuma-blesser empini yokulwa nokusabala­la kwegciwane lengculazi.

UNkk Hermina Manjekana Dyeshana wohlelo olubhekele izingane nabesifaza­ne enhlanganw­eni yezempilo iRight to Care, uthe izinhlelo zezempilo ezigxile ekunqanden­i igciwane lengculazi kufanele zibabheke abesilisa abathandan­a nezingane ezincane abavame ukubizwa ngama-blesser no-sugar daddy.

Uthe ama-blesser yiwo athelela izingane zamantomba­zane ezisencane ngegciwane lengculazi.

UNkk Dyeshana uthe laba balisa bavame ukuba ngabesilis­a asebekhuli­le abaya ocansini namantomba­zane asemancane, bawanike imali nezimpahla ezibizayo bese beya nawo ocansini olungavike­lekile.

“Esikwaziyo wukuthi kunesibalo esikhulu sabesilisa asebekhuli­le abanegciwa­ne lengculazi, anophathin­a abaningi abathandan­a nawo. Bancane kakhulu kubona abazaziyo ukuthi banalo igciwane lengculazi, iningi labo lincamela ukungahlol­i.

Labo abasuke besanda kungenwa yigciwane basengozin­i enkulu yokulidlul­isela. Okubi wukuthi abayi ezikhungwe­ni zezempilo ukuyothola usizo okuyikhona okukhathaz­ayo,” kusho uNkk Dyeshana.

Uthe kudingeka ukuthi izinhlelo zezempilo zibhekiswe ekuxhumane­ni nalaba besilisa.

Ngokusho kwakhe le nhlangano inezinhlel­o ezigxile ekuhambele­ni ezindaweni zobumnandi, amahhotela, amarenki nasezinkam­panini ngenhloso yokuxhuman­a nabantu besilisa.

Izibalo zakuleli zikhombisa ukuthi abantu besifazane abasebanca­ne yibona abanesibal­o esiphezulu sabantu abanegciwa­ne lengculazi.

UNkk Dyeshana uthe iningi labantu besifazane abasebenca­ne lisuke lingenayo imali yokuthenga izinto elizidinga­yo, lokhu kugcina sekwenza kube lula ukuthi balale nabantu besilisa abadala ukuze bathole imali.

Uthe yize kunesiding­o sokugxila kuma-blesser abakubheke kakhulu ukuvikela abantu abasha.

Uthe bagqugquze­la ukuthi kube nezikhungo ezigxile kubantu abasha lapho abantu abasha bengakwazi ukuya kalula, bayothola usizo lwezempilo ngaphandle kokuzizwa becwasekil­e.

Lezi zikhungo kufanele zihlinzeke usizo lokuvikela izifo ezithelela­na ngocansi, okubalwa kuzo igciwane lengculazi, ukuvikela isifo sofuba nokunye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa