Isolezwe

Kunezikole ezigoloza uku-oda izincwadi

- MHLENGI SHANGASE

UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal uthi kunezikole ezigoloza uku-oda izincwadi zabafundi noma sezikhunju­zwe izikhawu eziningi.

Isikhulu ehhovisi lenhloko yomnyango, uMnuz Thami Mbanjwa, sithe lezi zikole baziyalela ukuthi zi-ode izincwadi ngonyaka odlule ungakaphel­i kodwa zona zangakwenz­a lokhu.

Uthe ezinye zazo bagcina ngokuthi bazi-odele lezi zincwadi, ezinye baziphuca amandla okuzitheng­ela izincwadi ngoba imali yezincwadi yayiphezul­u kakhulu uma kuqhathani­swa nemali okuthengwa ngayo izincwadi ezikoleni ezithengel­wa ngumnyango.

Zingu-3 121 izikole ezithengel­wa ngumnyango izincwadi, ezingu-2 729 ziyazithen­gela izincwadi.

Lezi ezithengel­wa ngumnyango kusetshenz­iswa inkampani esabalalis­ayo iNdabase Printing okuyiyo eyathola ithenda yokwenza lo msebenzi.

“Kuvulwa izikole, ezingu-43 zibike ukuthi zishodelwa yizincwadi. Lezi zikole zayalelwa ukuthi zabe izincwadi ezikhona ngokulinga­na ngoba izincwadi zazo zizofika.

Nyakenye kube nesikhalo kwezinye izikole ezizitheng­ela izincwadi esithole ukuthi ibiphezulu kakhulu imali yokuthenga izincwadi uma siqhathani­sa nalezo esizitheng­ela izincwadi,” kusho uMbanjwa.

Uthe zingu-965 izikole abagcina ngokuthi bayimise imali bangayifak­i bacela usizo lweNdabase ukuthi ibenzele lo msebenzi.

UMbanjwa usho lokhu nje izinyunyan­a zothisha nezikole ezizitheng­ela izincwadi zakhala ngokuthi umnyango wagodla imali yokuthenga izincwadi wanquma ukuthi zithengwe yiwo.

Uthe ngumnyango owacela iNdabase ukuthi yenze lo msebenzi ngoba idiliva kuphela izincwadi ezikoleni ezithengel­wa ngumnyango hhayi kulezo ezizitheng­elayo.

“Ngeke sivume ukukhokha imali enkulu ngezincwad­i. INdabase yakwenza mahhala, ayizange isibize mali ukusibheke­la indaba yalezi zincwadi. Minyaka yonke asi-odi izincwadi ezisuke zingekho sisuke sengeza kulezo ezikhona vele ezikoleni,” kusho uMbanjwa.

Uthe ezinye zezikole ziletha ama-oda azo sekudlule isikhathi okubanika inkinga ngoba zigcina zifike sekudlule isikhathi ezikoleni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa