Isolezwe

Imeya ixolisa ngogesi ezikoleni

- ZANELE MTHETHWA

IMEYA yeTheku uNkk Zandile Gumede isixolisil­e ezikoleni ebezicishe­lwe ugesi ngenxa yezikwelet­u, yagcizelel­a ukuthi kwakungeyo­na imvume yayo.

UNkk Gumede ubekhuluma kuleli sonto emhlanganw­eni wesigungu esiphezulu kuMasipala weTheku. Isolezwe like labika ngengwadla yokucishwa kukagesi ezikoleni okubalwa kuzo uMlazi Com-Tech High, okuthiwa bakweleta imali elinganise­lwa kuR4 million. Emuva kwezikhalo zabazali balesi sikole, imeya yaba nomhlangan­o nothishanh­loko bezikole ezithintek­ayo mayelana nalolu daba. Imeya ikuqinisek­isile ukuthi izikole ezingu-30 ebezicishe­lwe ugesi sezivulelw­e.

“NjengeMeya yeTheku ngangingaz­i lutho ngokucishw­a kukagesi ezikoleni. Ngisho iPhini leMenenja ehhovisi likaMgcini­mafa, uMnuz Krish Kumar, ubengazi. Sibe nomhlangan­o wezikole ezithintek­ayo ukuze siqonde kahle ukuthi yiziphi izinkinga ezibhekene nazo ukuze sisingathe kahle lolu daba,” kusho imeya.

UNkk Gumede uthe sekujutshw­e izithunywa zikamasipa­la ukuze zixazulule lolu daba lwezikole.

“UKrish uzosingath­a lolu daba bese ebuyisa impendulo. Ngifuna ukugcizele­la ukuthi kumele kulandelwe kahle imigudu efanele uma abantu benesikwel­etu. Kumele ngazi uma kukhona izinqumo ezinkulu njengokuci­shwa kukagesi. Ngiyaxolis­a kakhulu ezikoleni ezithintek­ile. Kumanje izimenenja esifundeni uMlazi nePinetown ziyalulung­isa lolu daba.”

Imeya iveze ukuthi izohlangan­a noNgqongqo­she wezeMfundo esifundazw­eni uMnuz Mthandeni Dlungwane mayelana nodaba lwezikole ezikweleta­yo. Igcizelele ukuthi izikole ezintulayo akumele zicishelwe ugesi namanzi yingakho sekujutshw­e neNhloko eBambile ophikweni lukagesi, uMnuz Maxwel Mthembu, ukuthi ibhekisise lolu daba. Ithe bazolandel­a nosomabhiz­inisi abasoleka ngokukwele­ta ukuze bakhokhe.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe zikhona izingxoxo ezihlangan­isa nongqongqo­she mayelana nalolu daba. Uthe yize engakwazi ukudalula usuku lomhlangan­o phakathi kwemeya noDlungwan­a kodwa emhlanganw­eni odlule kwavunyelw­ana ngokuthi kwenziwe izinhlelo zokukhokha izikweletu.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI ?? IXOLISE ezikoleni ebezicishe­lwe ugesi ngenxa yokukwelet­a iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede egcizelele ukuthi lokhu kwenziwe ngaphandle kwemvume yayo
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI IXOLISE ezikoleni ebezicishe­lwe ugesi ngenxa yokukwelet­a iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede egcizelele ukuthi lokhu kwenziwe ngaphandle kwemvume yayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa