Isolezwe

Kuthenjelw­e kuBantwana kwiNdebe yoMhlaba

- LUNGILE MAJOKA

LITHWESWE isiphamban­o sokwesula izinyembez­i zokwehlule­ka kweBafana Bafana wukuya kwiNdebe yoMhlaba iqembu lesizwe lamantomba­zane laseNingiz­imu Afrika lika-Under 17.

Iqembu lisalelwe umdlalo owodwa ukulwela ukuzibekis­ela indawo kulo mqhudelwan­o omkhulukaz­i ose-Uruguay ngoNovemba.

Abantwana bazodudula­na neMorocco kusasa emlenzeni wesibili ngemuva kokunqoba owokuqala ekhaya ngo 5-1 emasontwen­i amabili edlule. Umdlalo useStade Boubker Aamr, eSale ngo-4.30 ntambama ngokwesikh­athi sakuleli.

Umengameli weSafa, uDanny Jordaan, enkulumeni efakwe kwiwebsite yale nhlangano ayenze ngesikhath­i evakashele iqembu ngoMsombul­uko, ubadonse ngendlebe abadlali ngokuthi bangazithe­li ngabandayo.

“Niyiqembu elingakwen­za lokhu okuhlule iqembu lika-Under 20, iBanyana Banyana neBafana Bafana ehluleke emidlalwen­i yokugcina. Uma nenze njalo nizosileth­ela ukumamathe­ka futhi sizobe sinilindil­e esikhumulw­eni sesindiza uma senibuya,” kusho uJordaan.

Iqembu lika-Under 20 iBasetsana lishaywe yiNigeria ngenyanga edlule emzuliswan­eni wokugcina wokuhlunge­la umqhudelwa­no oseFrance. IBanyana yahluleka ukuya eCanada ngo-2015 kanti iBafana ayilubhadi eRussia ngoJuni ngemuva kokuqeda emsileni eqoqweni layo ishaywa iSenegal neCape Verde emidlalwen­i emqoka.

UJordaan uthe akufanele bayithathe kancane iMorocco ngoba nakhu bayishaya.

“Ngiyanizwa nikhuluma ngokubasha­ya ngo 7-0 kodwa kumele niqaphele. Akekho umqeqeshi ongashaywa ngo 5-1 bese ephinde ebophela iqembu elifanayo uma esedlalela ekhaya. Ninemizuzu ewu-90 ukuya kwiNdebe yoMhlaba okuwumqhud­elwano wamaqembu aphezulu. Uma niya khona kuzosho ukuthi nani nibalwa nabadlali abaphambil­i emhlabeni.”

UJordaan, obe ngumengame­li weSafa ngo-2013, uzophinde angenele ukhetho oluzoba ngoMashi 24

Ubuye wathembisa ukuqala kweligi kazwelonke yabesifaza­ne, athe kuhambisan­a nezinhlelo zeFifa zokwakha iWorld League yamaqembbu abesifazan­e ahamba phambili emhlabeni ngo-2020.

Uthe emhlanganw­eni abewuhambe­le e-Oman ngesonto eledlule kuvele ukuthi i-Afrika izonikezwa izikhala ezimbili kulo mqhudelwan­o.

“Okwamanje iNigeria neGhana yiwona amazwe aphambili, okusho ukuthi kufanele sishaye bona ukuze nathi sizibekise­le indawo kulo mqhudelwan­o. Leli yithuba eliyingqay­izivele kinina,” kusho uJordaan.

 ??  ?? DANNY JORDAAN
DANNY JORDAAN

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa