Isolezwe

I-Cell C Sharks neLions esitikini

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMZULISWAN­O wokuqala weVodacom Super Rugby oholwa umdlalo omkhulukaz­i wabakhaya i-Emirates Lions neCell C Sharks kusasa ngo3.05 ntambama, e-Emirates Airlines Park, eGoli, yiwona ozohlahla indlela ngeqembu elizothwal­a amathemba eNingizimu Afrika kule sizini.

Kumasizini amabili edlule iLions isifinyele­le kowamanqam­u kabili. Okuqaphele­kile ngokukhony­a kweLions wukuthi ibizidlela amahlanga emaqenjini akuleli. Kulokhu yiSharks ebhekwe ukuba ithwalise kanzima leli qembu laseGoli elilinyale­lwe abadlali abamqoka.

Okwenza iSharks ithwalwe ngeqoma ukuthi izohamba ibanga elide wukulandwa kwenkakha yomqeqeshi ozakhele igama esekuMabho­bhoko nakuyona iSharks uDick Miur. Lo mqeqeshi uyena obheke abadlali basemuva lapho iSharks igqishe khona ngekhono, isipiliyon­i nakho konke okudingeka­yo kwazise lo mqhudelwan­o ukuhlangan­isa nama-All Blacks, Wallabies, Pumas bese kuba ezaseJapan.

Kubadlali iSharks egabe ngabo singabala uRobert du Preez Jr indodana yomqeqeshi uRobert du Preez Snr, Makazole Mapimpi, Lukhanyo Am, Sbu Nkosi noLwazi Mvovo. Nakuba kukhalisa ukubekwa kukaCurwin Bosch ebhentshin­i kodwa indodana yomqeqeshi ikhombise ukuthi izoba eyayo le ndawo emidlalwen­i yokuzilolo­nga. Nakuba kunjalo kodwa ukuba noBosch ebhentshin­i kuyisibusi­so ngoba uyakwazi ukudlala kwi-flyhalf kodwa nakwi-fullback ukunika into ecokeme ngendlela efanayo.

Kulo mdlalo weSharks, iLions izobe iholwa uWarren Whiteley ongukapute­ni nakumaBhok­obhoko kodwa obengadlal­i ngenxa yokulimala.

“Okunzima ukuhlangan­isa isikimu sabadlali abangu-23 uma bonke abadlali bakho bekhombisa izimpawu zokukulung­ela ukudlala. Indlela abasondele­ne nabazwana ngayo ingiqinisa idolo.”

“Bonke balitholil­e ithuba emidlalwen­i yokuzilolo­nga. Inkinga isele nami manje. Angikwazi nokubabuka emehlweni abadlali engibashiy­e ngaphandle ngoba bonke basebenze ngokuzikha­ndla ngendlela eyisimanga. Sikulungel­e ukuqala neLions,” usho kanje uDu Preez esitatimen­deni esithunyel­we yiSharks.

Ujobelele ngokuthi iqembu elizodla umhlangani­so kulokhu elinesikwa­ti esibunjwe ngobuhlaka­ni.

 ??  ?? SBUSISO NKOSI
SBUSISO NKOSI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa