Isolezwe

I-Arrows kumele ilungise iphutha ngeBucs

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUFANELE ukuba ilijabulel­e ngendlela eyisimanga ithuba lokuhlala ike iphumule iLamontvil­le Golden Arrows emuva kokuyehlel­e emasontwen­i amabili edlule ngesikhath­i iyeka ukudla isicoco sesibili seMulticho­ice Diski Challenge (MDC).

Ngalelo langa i-Arrows ivumele ukuthi i-Ajax Cape Town ilinganise sekusele amanenjana edosheni likanondwe­ba. Umdlalo, obuseIkamv­a Sports, eKapa, uphele ngo 3-3. Ngesikhath­i kuphakanyi­swa isikhathi esizokweng­ezwa emdlalweni i-Arrows ibihamba phambili ngo 3-2. Lokhu kuhamba phambili bekusho ukuthi uma umdlalo ungaphela ingasiphin­da lesi sicoco esidle ngesizini ka-2015/2016.

Ayizange ikwenze lokho kodwa yavumela kungene igoli nge-free kick sesiphelil­e ngisho isikhathi esasengezi­we. Ngeke kusayisiza nokho i-Arrows ukucabanga ngalo mdlalo kodwa imelwe ukulungisa iphutha ngokunqoba kwi-Orlando Pirates ezobhekena nayo ngeSonto ngo-12 emini eMakhulong Stadium.

Okuyibeka ebuhleni i-Arrows wukuthi iyasazi isimo ebhekene naso ngoba ngonyaka edle ngawo lesi sicoco ifike enkundleni ingazi obekuzokwe­nzeka. Nakulokhu isimo sithi asifane ngoba asekhona amanye amaqembu asengayigu­dluza i-Arrows esicongwen­i, inqobo nje uma ezovunwa yimiphumel­a bese ezishayela kulawo abhekene nawo.

Kulula nokho kwezikaVus­umuzi Vilakazi ngoba okufanele zikwenze wukunqoba kwiPirates. Uma ziphumelel­e ukwenza lokho zizokuba wompetha beDiski okwesibili kungakhath­alekile ukuthi eminye imiphumela izohamab kanjani.

Izitha ze-Arrows, okuyiPirat­es kule mpelasonto, ngelinye lamaqembu asethubeni, inqobo nje uma izonqoba bese ikhulekela ukuthi ivunwe eminye imiphumela. Amanye amaqembu anethuba yiBloemfon­tein Celtic, Ajax Cape Town nomakhelwa­ne kumbe abakhaya beMaritzbu­rg United.

Ukunqoba kweCeltic (enamaphuzu awu-25), Ajax, Maritzburg (edlala kusasa), Pirates (bonke abanamaphu­zu awu-24) kungawuqhu­bela esontweni lokugcina umbango weDiski Challenge. Abafana Bes’thende bazihola phambili ngamaphuzu awu-29, okusho ukuthi iCeltic, esendaweni yesibili, isele Kusasa AmaZulu v Maritzburg United (Makhulong Stadium, 10am); Kaizer Chiefs v Platinum Stars (Makhulong Stadium, 12pm). NgeSonto Bidvest Wits v Ajax Cape Town (Sturrock Park, 10am); Free State Stars v Mamelodi Sundowns (Makhulong Stadium, 10am); SuperSport United v Polokwane City (Lucas Moripe, 10am); Cape Town City FC v Bloemfonte­in Celtic (Parow Park, 10am); Golden Arrows v Orlando Pirates (Makhulong Stadium, 12pm); Baroka FC v Chippa United (Old Peter Mokaba Stadium, 12pm).

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa