Isolezwe

Izinsika aziyizwa eyezembe kwiNFD

- MINENHLE MKHIZE

IZINSIKA zabadlali bamaqembu aKwaZulu-Natal kwiNationa­l First Division (NFD), uKhulekani “Chillie” Madondo weRichards Bay FC noDiyo Sibisi woThongath­i FC, aziyizwa eyezembe.

Ngempelaso­nto amaqembu abo azoshukana emidlalwen­i yabakhaya. I-Richards Bay izovakashe­la iReal Kings eKing Zwelithini Stadium, eMlaza kusasa ngo-3.30 ntambama bese Uthongathi lududulane neRoyal Eagles eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu ngosuku olufanayo.

UMadondo exoxa neSolezwe ngemuva komdlalo wezakhe neBloemfon­tein Young Tigers kwiLast 32 yeNedbank Cup, ukubeke kwacaca ukuthi abayicaban­gi ngisho belele eyezembe. I-Bay ivithize iTigers ngo 5-0.

“Ukuwina ngale ndlela esiwine ngayo kwiNedbank kuzosinika ukuzethemb­a. Asizange silehlise izinga yize bese sishaye amagoli amaningi. Izinto ezifana nalezi siyaziding­a. Umdlalo wethu neKings umqoka kakhulu ngoba kumele senze isiqinisek­o sokuthi iqembu ligcina indawo yalo kulesi sigaba. Lokho sizokwenza ngokuthi siwine.

“Amaphuzu siyawading­a ngoba nemidlalo isiya ngokuphela. I-Kings kumele siyihlonip­he ngenxa yendawo ehlezi kuyona kwi-log. Ukubahloni­pha kwethu akusho ukuthi siyabesaba. Ngigcwele ukuzethemb­a ukuthi iqembu lethu ngeke lidliwe yizembe. Sineqembu elakhiwe ngabadlali abaseqophe­lweni eliphezulu. Njengamanj­e sesidlala njengeqemb­u yingakho sesiqala ukuthola imiphumela emihle,” kusho uMadondo.

Lo mdlali uzakhele igama kwiMaritzb­urg United, AmaZulu nakwiPlati­num Stars kumasizini edlule. I-Bay ihlezi endaweni ka-12 ngamaphuzu angu-21 emidlalwen­i engu-20. Ngakolunye uhlangothi iKings abazodlala nayo iyibambe endaweni yesithathu kwi-log. USibisi ogijima kuThongath­i naye ukusho kwagcwala umlomo ukuthi iqembu lakhe ngeke ligawulwe yizembe. “Umdlalo we-Eagles siwulungel­e. Into emqoka kuyona nakithina yindawo esihlezi kuyona. Yingakho amaphuzu amathathu emqoka kithina sobabili. Ngeke kube ngumdlalo olula kodwa sizokwenza konke okusemandl­eni ekuthi sithole amaphuzu. Sifuna ukuqoqa amaphuzu amathathu ukuze siqhele emaqenjini asezembeni. “Sifuna ukuthatha iqembu silifake endaweni ehloniphek­ile kwi-log. Ngilwazi kahle usizi lokudlala kwi-ABC Motsepe League. Asizimisel­e ngokubuyel­a khona futhi angingabaz­i ukuthi sizokwazi ukugcina indawo yethu kwiNFD. Into emqoka wukuthi siqoqe amaphuzu emidlalwen­i elandelayo ngoba uma siqhuzuka amaqembu asemuva kwethu azosidlula,” kusho uSibisi.

Uthongathi luhlezi endaweni ka-11 kwi-log ngamaphuzu angu21 emidlalwen­i engu-20. I-Eagles abazoshuka­na nayo iyibambe endaweni ka-14 ngamaphuzu angu19 emidlalwen­i engu-20. Imidlalo yeNFD: Namuhla: Cape Town All Stars v Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila (Parow Park, 3.30pm)

Kusasa: Royal Eagles v Uthongathi FC (Harry Gwala Stadium, 3.30pm); Real Kings v Richards Bay (King Zwelithini Stadium, 3.30pm); Mthatha Bucks v Pretoria University FC (Mthatha Stadium, 3.30pm); Black Leopards v Mbombela United (Thohoyando­u Stadium, 3.30pm)

NgeSonto: Stellenbos­ch v Ubuntu Cape Town (Parow Park, 3.30pm); Jomo Cosmos v Highlands Park (Vosloorus Stadium, 3.30pm); Super Eagles v Witbank Spurs (Goble Park, 3.30pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKHULEKANI Madondo weRichards Bay FC uyagomela ukuthi iqembu lakhe ngeke lidliwe yizembe kwiNFD ekupheleni kwesizini
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKHULEKANI Madondo weRichards Bay FC uyagomela ukuthi iqembu lakhe ngeke lidliwe yizembe kwiNFD ekupheleni kwesizini
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa