Isolezwe

UTinkler bamthinte kwamancane abafana

- LUNGILE MAJOKA

UCHAZEKILE ngabafana “abancane” ababophele emdlalweni wezakhe weNedbank Cup Last 32 umqeqeshi weSuperSpo­rt United, u-Eric Tinkler abagcine bewashiswe kuyo ijezi yiBloemfon­tein Celtic ngo 5-4 kumaphenat­hi.

Umdlalo ubuphele zibambene ngo 1-1 ngephenath­i kaNdumiso Mabena negoli lokulingan­isa elishaywe uSipho Mbule.

UTinkler ubeze emdlalweni engakufihl­ile ukuthi into esemqoka wukulwela ukugcina isitifiket­i sokudlala kwi-Absa Premiershi­p lapho iqembu lihleli endaweni ka-11.

Uphumuze abadlali bakhe abadala njengobaRe­neilwe Letsholony­ana, Clayton Daniels, Thuso Phala, Morgan Gould nonozinti uRiyaad Pieterse. UTinkler uthi bakhathele ngemuva kwesizini ende edlule bengakutho­li ukuphumula emuva kokufinyel­ela kowamanqam­u weCAF Confederat­ion Cup lapho behlulwe kowamanqam­u. Ngemuva kwalokho i-United ihlulekile wukubuya kwiligi inqobe imidlalo yize ikwazile ukuvikela isicoco seNedbank Cup ibhudluza i-Orlando Pirates ngo 4-1 kowamanqam­u eMoses Mabhida Stadium.

“Ngijabule kakhulu ngendlela abadlali bami abancane abadlale ngayo. Yize kube khona isikhathi lapho sibe nokungahle­leki ngendlela esivala ngayo emuva. Kodwa abafana abancane benze kahle kakhulu. Okuphoxayo nje wukuthi baphiwe (iCeltic) igoli ngoba ngokubona kwami isigameko sokudlalis­a kabi senzeke ngaphandle kwebhokisi,”kusho uTinkler obephawula kwithelevi­shini ngemuva komdlalo.

Omunye wabanikwe ithuba ngunozinti uThakasani Mbanjwa ovimbe iphenathi ngesikhath­i kusaqhubek­a umdlalo.

“Muhle yena kumaphenat­hi njengoba ekwazile ukuyivimba eshaywe kahle abayitholi­le. Baphinde baphiwa enye. Ngebhadi izinto azihambang­a kahle manje (sekukhahle­lwa amaphenath­i). Kodwa yena ungumfana onekusasa eliqhakazi­le.”

Ukaputeni weCeltic, unozinti uPatrick Tignyemb isipiliyon­i sakhe esifake iqembu kwiLast 16. Ukwazile ukuvimba iphenathi kaDanwin Farmer wase eshaya eyokugcina ewelise iqembu ngelibanzi. Ngesizini edlule iCeltic ikhishwe i-Orlando Pirates kuma-quarterfin­al alo mqhudelwan­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa