Isolezwe

UHunt ufihle induku emqubeni ngowe-Arrows

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UFIHLE induku emqubeni ngesikimu azosibophe­la emdlalweni we-Absa Premiershi­p neLamontvi­lle Golden Arrows umqeqeshi wompetha beligi iBidvest Wits, uGavin Hunt, omelwe ukuhlelela umdlalo womlenze wesibili weCAF Champions League, eMauritius ngoLwesith­athu.

UHunt ohlalelwe wumqansa wokususa iWits endaweni embi ehleli kuyona ngesikhath­i esifanayo aqinisekis­e ukuthi okungenani iyangena kweyamaqoq­o yeChampion­s League, kufanele enze izinqumo ezinzima ngesikimu azosibophe­la kulo mdlalo okusasa ngo-3.30, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Ezimbi kuHunt ngezithi ngeke abe nalo ithuba lokumseben­zisa uVincent Pule kulo mdlalo ngoba usesigwebe­ni samakhadi. Lokhu kungaba yisibusiso kuyena ngoba ithuba lokumseben­zisa kowePample­mousses SC ngoLwesith­athu likhona.

Lo mqeqeshi obebophele isikimu esibunjwe ngenqwaba yabafana abancane kowomlenze wokuqala, kulindelek­e ukuba ababuyise bonke abebengadl­ali esingabala kubona uJames Keene, Lehlohonol­o Majoro noThulani Hlatshwayo ukukha nje phezulu.

“Angazi ukuthi yibaphi abadlali engizobabo­phela kulo mdlalo kodwa iwini iyona engiyiyela eThekwini. Ngiyazi ukuthi ngeke kube lula kwazise sivele sihlaselwe yibhadi engingeke ngikwazi ukulichaza. Engikuthan­dazelayo ukuthi amathuba esiwakhayo siwasebenz­ise. Kule sizini sihleli kabi kwi-log nje yingoba sinebhadi hhayi ngoba kuwukuthi sidlala umbhedo,” kusho uHunt.

Umdlalo womlenze wokuqala iWits iwunqobe ngamagoli kaKobamelo Kodisang no-Eleazar Rodgers. Okungenza uHunt asibophele siqine ngokukhulu­leka isikimu sakhe ukuthi vele iPamplemou­sses ayizange ikhombise izimpawu zokuba yingozi.

Okuzokwenz­a lo mdlalo uconsise amathe ukuthi ozonqoba kuwona uzosondela­na kakhulu kumbe azithole ekwiTop 8 uma eminye imiphumela ibavuna. Njengamanj­e i-Arrows neWits bahleli emaphuzwin­i angu-23 nawu-22 ngokwahluk­ana.

Egcina ukukhuluma neSolezwe umqeqeshi we-Arrows, uClinton Larsen, uthe asisekho isikhathi sokucasha ngesithuph­a kepha sekumele baqale baqoqe amaphuzu.

“Siwalahle kakhulu amaphuzu, ikakhuluka­zi ekhaya kodwa nakhona akukhona ukuthi asiwakhi amathuba. Sihlulwa ngamaphena­thi namabhola ashaye kwabanye abadlali. Lo mdlalo usinika ithuba lokusondel­a lapho sifisa ukuqeda sikhona.”

 ??  ??
 ??  ?? GAVIN HUNT
GAVIN HUNT
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa