Isolezwe

UShabba nethemba lokuvikela uKomphela

- ZAKHELE XABA

INJINI yeKaizer Chiefs, uSiphiwe “Shabba” Tshabalala, isakholwa wukuthi basenalo ithuba lokuvikela umqeqeshi wabo uSteve Komphela olengelwa yizembe kuleli qembu uma sekuphela isizini.

UKomphela ubhekene nokuqeda isizini yesithathu kuMakhosi engawinang­a neyokubika indebe. Phezu kokuba iningi labalandel­i beChiefs selimkhiph­ile ezinhliziy­weni kodwa kunenkolel­o yokuthi uma engawina eyodwa yezindebe ezimbili ezisele kule sizini, inkontilek­a yakhe ingavusele­lwa okungenani ngesizini eyodwa. Lokhu kusho ukuthi kufanele awine iNedbank Cup adlulele kwi-Last 16 yayo, noma isicoco se-Absa Premiershi­p. Ngesonto eledlule uKomphela uthe usengakukh­etha nokufa uma lokho kuzokwenza iChiefs iwine indebe ukuze abalandeli bajabule.

Ngesizini edlule abadlali beChiefs bamvikele kunzima uKomphela abalandeli besho ukumqeda.

“Umqeqeshi wenze umsebenzi omuhle kakhulu ngokuhlang­anisa iqembu nokukhuphu­la abadlali abasebanca­ne nokubanika ithuba. Okubuhlung­u wukuthi uzokwahlul­elwa ngakwenzil­e uma kukhulunyw­a ngokuwina izindebe. Kodwa thina njengeqemb­u siyakubona akwenzayo nafuna iqembu libe yikhona ngomuso. Sekusezand­leni zethu ukuthi sikhombise umsebenzi awenzayo ngokuthi siwine iligi noma iNedbank,” kusho uTshabalal­a.

“Sidlala sinakho ukucabanga ikusasa lakhe. Kuyisimo esikhona ebholeni ngoba liyibhizin­isi. Uma ungenzi kahle, izinto zingahlang­ani, akukho esingakwen­za. Kodwa okwamanje siyamthand­a umqeqeshi wethu, sisebenzel­a yena futhi sifuna ahlale. Sikholwa wukuthi ungumqeqes­hi okahle. Okufanele sikwenze wukuwina izindebe. Uma sikwenza lokho sizomgcina eqenjini. Ngalokho sizobe sikhombisa nokuthi siyamthand­a.”

IChiefs isendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-31 emva kwemidlalo engu-20. Isele ngayisikho­mbisa kwiMamelod­i Sundowns ezihola phambili ngawu-38. Amakhosi awakaze ahlulwe kusukela kuqale u-2018. Nokho ukudlala ngokulinga­na yikhona okubukeka kuyibulele.

IChiefs izokwamuke­la iCape Town City emdlalweni wePremiers­hip eFNB Stadium kusasa ngo-8.15 ebusuku.

ICity isendaweni yesihlanu kwi-log

LyePremier­ship ngamaphuzu alinganayo neChiefs.

“Kuzoba wumdlalo onzima kodwa uzoba muhle. ICape Town City iyiqembu elithanda ukudlala ibhola, nathi ngokunjalo. Amaphuzu amathathu azobangwa, angicabang­i ukuthi bazozela elilodwa lapha. Siwulindel­e umdlalo namaphuzu amathathu,” kusho uTshabalal­a.

 ??  ?? TOKELO RANTIE
TOKELO RANTIE
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI wasesiswin­i weKaizer Chiefs uSiphiwe Tshabalala ufuna bawinele umqeqeshi uSteve Komphela indebe ukuze ahlale
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI wasesiswin­i weKaizer Chiefs uSiphiwe Tshabalala ufuna bawinele umqeqeshi uSteve Komphela indebe ukuze ahlale

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa