Isolezwe

Akabonwa nangalukha­lo uTokelo Rantie muva nje

- MINENHLE MKHIZE

AKAZIWA ukuthi ukuziphi izinkalo umgadli weBafana Bafana, uTokelo Rantie.

URantie sekuphele isikhathi anyamalala eqenjini lakhe laseTurkey, iGenclerbi­gili. UFarook Khan, ofana noyise kuRantie kwazise ukhule ngaphansi kwakhe eStars of Africa Academy, utshele leli phephandab­a ukuthi sengathi nemenenja yakhe ayimazi ukuthi ukuphi lo mgadli.

“Ngisanda kukhuluma nemenenja yakhe, uNadeem Mohammed nayo ithe isanda kukhuluma neqembu lakhe lathi alimazi ukuphi uRantie. Naye akamazi ukuthi ukuphi kwazise wahamba eqenjini lakhe engumuntu oya ekhaya. Kodwa ngicela uthinte uNadeem mhlawumbe usemtholil­e,“kusho uKhan.

Ngonyaka odlule uRantie wale waphetha ukuzodlala kwiBafana ethi ucela ukunikwa ikhefu kwelesizwe. URantie ubesephend­uke umgadli omqoka kwiBafana ngenxa yamagoli akhe amqoka abewashaye­la elesizwe emidlalwen­i enzima. Lo mgadli, odabuka eFree State, ushaye igoli elimqoka ngonyaka odlule iBafana idlala neNigeria ngo 2-0 kowokuhlun­gela ukuzibekis­ela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon).

Nango-2014, uRantie uphinde wabamba elikhulu iqhaza iBafana izibekisel­a indawo kwi-Afcon ebiseEquat­orial Guinea ngo-2015. URantie, ongaziwa ukuthi ukuphi, ufike eTurkey ekuqaleni kwesizini edlule esuka kwiBournem­outh egijima kwi-English Premier League.

Uke wayibamba nakwi-Orlando Pirates ngesikhath­i ikhala yemuka nesicoco se-Absa Premiershi­p ngo-2011/2012.

Udlalile naseSweden kwiMalmo IF. Imizamo yokuthola uMohamed ukuthi aphawule ngokuduka kukaRantie igcine ingaphumel­elanga.

Unyamalala nje iSouth African Football Associatio­n (Safa) isanda kudingisa unomphelo uThulani “Cream” Serero, ochizele iBafana ebizwa. Lo mdlali oyibamba eNetherlan­ds watshela uStuart Baxter ukuthi uzoza ekhempini yeqembu lesizwe uma kuqiniseki­swa ukuthi uzomdlalis­a.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa