Ingwazi ichazekile ngoPhehlukwayo
INGWAZI yamaProteas, uJustin Kemp, isale ichazekile ngezimanga ezigilwe ngu-Andile Phehlukwayo ngesikhathi elakuleli lishaya i-India ngamawikhethi amahlanu, eBidvest Wanderers Stadium, eGoli.
UPhehlukwayo (21) ungene enkundleni amaProteas edonsa kanzima kodwa wafike wawuqeda kalula umdlalo eshaya ama-run angu-23 emabholeni amahlanu.
Lokhu kwenze amaProteas anqoba umdlalo kusasele amaover amabili nohhafu. AmaProteas abejaha u-202 kuma-over angu-28 ngemuva kokuthi kwehliswe ama-over ngenxa yemvula ebihambisana nombani eGoli. I-India ibishaye ama-run angu-289 kuma-over angu-50. Njengamanje elakuleli selilandela emuva ngo 4-1 kulolu chungechunge lwemidalo eyisithupha yosuku olulodwa okuchaza ukuthi i-India isiwinile.
Umdlalo wokugcina uzodlalwa eCunturion Park, namuhla ngo-1.30 emini.
“Kumqoka ukuba nomdlali okwazi ukushaya ibhola aphinde akwazi ukuthatha namawikhethi abalulekile. Amazwe amaningi adla ngalokhu njengamanje. IWest Indies inomdlali ofana noDwayne Bravo, i-England inoBen Stokes kanti phambilini yayino-Andrew Flintoff. “I-Pakistan inoShahid Afridi, i-India inoPandya (Hardik) kanti iNew Zealand inoCorey Anderson. Uyabadinga abadlali abafana nalaba. Kungijabulisile okwenziwa u-Andile Phehlukwayo. Ungumfana osemncane kodwa usekhombise kaningi ukuthi akayesabi ingcindezi. Uyakwazi ukumelana nezimo ezinzima,” kusho uKemp.
UChri Morris noPhehlukwayo sebephenduke abasindisi bamaProteas ezikhathini ezinzima. “UMorris naye usekhombisile ukuthi yini angasenzela yona ngebhola nangebhethi. Into abayidingayo wukudlala imidlalo eminingi benengcindezi ukuze kuzoshaya isikhathi seNdebe yoMhlaba sebekulungele ukubhekana nezimo ezinzima. Okumqoka okumele kwenziwe uMorris noPhehlukwayo wukuchitha isikhathi esiningi enethini bebhetha baphinde bashwibe.
Akumele bagxile kokukodwa ngoba bazolahlekelwa ngokunye uma benza kanjalo,” kusho uKemp.
AmaProteas aphazanyiswe wukulimala kwabadlali abamqoka kulolu chungechunge lwemidlalo yosuku olulodwa.
“Kunzima ukuvala izikhala zabadlali abafana no-AB de Villiers, Faf du Plessis noQuinton de Kock. Laba badlali sebeshaye inqwaba yama-run, uma bengekho kuyabonakala.
INingizimu Afrika iyabadinga laba badlali ukuze inqobe iNdebe yoMhlaba. Abafana abanjengoHeinrich Klassen, Aiden Markram noZondo (Khaya) kumele silokhu sibafaka kancane ukuze bezokwazi ukumelana nengcindezi uma sekuphuma lezi zinsika,” kusho uKemp.
U-Ottis Gibson ocija amaProteas ulandelwe ukuzonqoba iNdebe yoMhlaba ese-England ngonyaka ozayo.
“U-Gibson into enhle ngaye wukuthi usecacisile ukuthi ufuna ukudlala kanjani,” kusho uKemp.