I-Arrows kumele ilungise iphutha ngeBucs
KUFANELE ukuba ilijabulele ngendlela eyisimanga ithuba lokuhlala ike iphumule iLamontville Golden Arrows emuva kokuyehlele emasontweni amabili edlule ngesikhathi iyeka ukudla isicoco sesibili seMultichoice Diski Challenge (MDC).
Ngalelo langa i-Arrows ivumele ukuthi i-Ajax Cape Town ilinganise sekusele amanenjana edosheni likanondweba. Umdlalo, obuseIkamva Sports, eKapa, uphele ngo 3-3. Ngesikhathi kuphakanyiswa isikhathi esizokwengezwa emdlalweni i-Arrows ibihamba phambili ngo 3-2. Lokhu kuhamba phambili bekusho ukuthi uma umdlalo ungaphela ingasiphinda lesi sicoco esidle ngesizini ka-2015/2016.
Ayizange ikwenze lokho kodwa yavumela kungene igoli nge-free kick sesiphelile ngisho isikhathi esasengeziwe. Ngeke kusayisiza nokho i-Arrows ukucabanga ngalo mdlalo kodwa imelwe ukulungisa iphutha ngokunqoba kwi-Orlando Pirates ezobhekena nayo ngeSonto ngo-12 emini eMakhulong Stadium.
Okuyibeka ebuhleni i-Arrows wukuthi iyasazi isimo ebhekene naso ngoba ngonyaka edle ngawo lesi sicoco ifike enkundleni ingazi obekuzokwenzeka. Nakulokhu isimo sithi asifane ngoba asekhona amanye amaqembu asengayigudluza i-Arrows esicongweni, inqobo nje uma ezovunwa yimiphumela bese ezishayela kulawo abhekene nawo.
Kulula nokho kwezikaVusumuzi Vilakazi ngoba okufanele zikwenze wukunqoba kwiPirates. Uma ziphumelele ukwenza lokho zizokuba wompetha beDiski okwesibili kungakhathalekile ukuthi eminye imiphumela izohamab kanjani.
Izitha ze-Arrows, okuyiPirates kule mpelasonto, ngelinye lamaqembu asethubeni, inqobo nje uma izonqoba bese ikhulekela ukuthi ivunwe eminye imiphumela. Amanye amaqembu anethuba yiBloemfontein Celtic, Ajax Cape Town nomakhelwane kumbe abakhaya beMaritzburg United.
Ukunqoba kweCeltic (enamaphuzu awu-25), Ajax, Maritzburg (edlala kusasa), Pirates (bonke abanamaphuzu awu-24) kungawuqhubela esontweni lokugcina umbango weDiski Challenge. Abafana Bes’thende bazihola phambili ngamaphuzu awu-29, okusho ukuthi iCeltic, esendaweni yesibili, isele Kusasa AmaZulu v Maritzburg United (Makhulong Stadium, 10am); Kaizer Chiefs v Platinum Stars (Makhulong Stadium, 12pm). NgeSonto Bidvest Wits v Ajax Cape Town (Sturrock Park, 10am); Free State Stars v Mamelodi Sundowns (Makhulong Stadium, 10am); SuperSport United v Polokwane City (Lucas Moripe, 10am); Cape Town City FC v Bloemfontein Celtic (Parow Park, 10am); Golden Arrows v Orlando Pirates (Makhulong Stadium, 12pm); Baroka FC v Chippa United (Old Peter Mokaba Stadium, 12pm).