Izinsika aziyizwa eyezembe kwiNFD
IZINSIKA zabadlali bamaqembu aKwaZulu-Natal kwiNational First Division (NFD), uKhulekani “Chillie” Madondo weRichards Bay FC noDiyo Sibisi woThongathi FC, aziyizwa eyezembe.
Ngempelasonto amaqembu abo azoshukana emidlalweni yabakhaya. I-Richards Bay izovakashela iReal Kings eKing Zwelithini Stadium, eMlaza kusasa ngo-3.30 ntambama bese Uthongathi lududulane neRoyal Eagles eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu ngosuku olufanayo.
UMadondo exoxa neSolezwe ngemuva komdlalo wezakhe neBloemfontein Young Tigers kwiLast 32 yeNedbank Cup, ukubeke kwacaca ukuthi abayicabangi ngisho belele eyezembe. I-Bay ivithize iTigers ngo 5-0.
“Ukuwina ngale ndlela esiwine ngayo kwiNedbank kuzosinika ukuzethemba. Asizange silehlise izinga yize bese sishaye amagoli amaningi. Izinto ezifana nalezi siyazidinga. Umdlalo wethu neKings umqoka kakhulu ngoba kumele senze isiqiniseko sokuthi iqembu ligcina indawo yalo kulesi sigaba. Lokho sizokwenza ngokuthi siwine.
“Amaphuzu siyawadinga ngoba nemidlalo isiya ngokuphela. I-Kings kumele siyihloniphe ngenxa yendawo ehlezi kuyona kwi-log. Ukubahlonipha kwethu akusho ukuthi siyabesaba. Ngigcwele ukuzethemba ukuthi iqembu lethu ngeke lidliwe yizembe. Sineqembu elakhiwe ngabadlali abaseqophelweni eliphezulu. Njengamanje sesidlala njengeqembu yingakho sesiqala ukuthola imiphumela emihle,” kusho uMadondo.
Lo mdlali uzakhele igama kwiMaritzburg United, AmaZulu nakwiPlatinum Stars kumasizini edlule. I-Bay ihlezi endaweni ka-12 ngamaphuzu angu-21 emidlalweni engu-20. Ngakolunye uhlangothi iKings abazodlala nayo iyibambe endaweni yesithathu kwi-log. USibisi ogijima kuThongathi naye ukusho kwagcwala umlomo ukuthi iqembu lakhe ngeke ligawulwe yizembe. “Umdlalo we-Eagles siwulungele. Into emqoka kuyona nakithina yindawo esihlezi kuyona. Yingakho amaphuzu amathathu emqoka kithina sobabili. Ngeke kube ngumdlalo olula kodwa sizokwenza konke okusemandleni ekuthi sithole amaphuzu. Sifuna ukuqoqa amaphuzu amathathu ukuze siqhele emaqenjini asezembeni. “Sifuna ukuthatha iqembu silifake endaweni ehloniphekile kwi-log. Ngilwazi kahle usizi lokudlala kwi-ABC Motsepe League. Asizimisele ngokubuyela khona futhi angingabazi ukuthi sizokwazi ukugcina indawo yethu kwiNFD. Into emqoka wukuthi siqoqe amaphuzu emidlalweni elandelayo ngoba uma siqhuzuka amaqembu asemuva kwethu azosidlula,” kusho uSibisi.
Uthongathi luhlezi endaweni ka-11 kwi-log ngamaphuzu angu21 emidlalweni engu-20. I-Eagles abazoshukana nayo iyibambe endaweni ka-14 ngamaphuzu angu19 emidlalweni engu-20. Imidlalo yeNFD: Namuhla: Cape Town All Stars v Tshakhuma Tsha Madzivhandila (Parow Park, 3.30pm)
Kusasa: Royal Eagles v Uthongathi FC (Harry Gwala Stadium, 3.30pm); Real Kings v Richards Bay (King Zwelithini Stadium, 3.30pm); Mthatha Bucks v Pretoria University FC (Mthatha Stadium, 3.30pm); Black Leopards v Mbombela United (Thohoyandou Stadium, 3.30pm)
NgeSonto: Stellenbosch v Ubuntu Cape Town (Parow Park, 3.30pm); Jomo Cosmos v Highlands Park (Vosloorus Stadium, 3.30pm); Super Eagles v Witbank Spurs (Goble Park, 3.30pm)