UTinkler bamthinte kwamancane abafana
UCHAZEKILE ngabafana “abancane” ababophele emdlalweni wezakhe weNedbank Cup Last 32 umqeqeshi weSuperSport United, u-Eric Tinkler abagcine bewashiswe kuyo ijezi yiBloemfontein Celtic ngo 5-4 kumaphenathi.
Umdlalo ubuphele zibambene ngo 1-1 ngephenathi kaNdumiso Mabena negoli lokulinganisa elishaywe uSipho Mbule.
UTinkler ubeze emdlalweni engakufihlile ukuthi into esemqoka wukulwela ukugcina isitifiketi sokudlala kwi-Absa Premiership lapho iqembu lihleli endaweni ka-11.
Uphumuze abadlali bakhe abadala njengobaReneilwe Letsholonyana, Clayton Daniels, Thuso Phala, Morgan Gould nonozinti uRiyaad Pieterse. UTinkler uthi bakhathele ngemuva kwesizini ende edlule bengakutholi ukuphumula emuva kokufinyelela kowamanqamu weCAF Confederation Cup lapho behlulwe kowamanqamu. Ngemuva kwalokho i-United ihlulekile wukubuya kwiligi inqobe imidlalo yize ikwazile ukuvikela isicoco seNedbank Cup ibhudluza i-Orlando Pirates ngo 4-1 kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium.
“Ngijabule kakhulu ngendlela abadlali bami abancane abadlale ngayo. Yize kube khona isikhathi lapho sibe nokungahleleki ngendlela esivala ngayo emuva. Kodwa abafana abancane benze kahle kakhulu. Okuphoxayo nje wukuthi baphiwe (iCeltic) igoli ngoba ngokubona kwami isigameko sokudlalisa kabi senzeke ngaphandle kwebhokisi,”kusho uTinkler obephawula kwithelevishini ngemuva komdlalo.
Omunye wabanikwe ithuba ngunozinti uThakasani Mbanjwa ovimbe iphenathi ngesikhathi kusaqhubeka umdlalo.
“Muhle yena kumaphenathi njengoba ekwazile ukuyivimba eshaywe kahle abayitholile. Baphinde baphiwa enye. Ngebhadi izinto azihambanga kahle manje (sekukhahlelwa amaphenathi). Kodwa yena ungumfana onekusasa eliqhakazile.”
Ukaputeni weCeltic, unozinti uPatrick Tignyemb isipiliyoni sakhe esifake iqembu kwiLast 16. Ukwazile ukuvimba iphenathi kaDanwin Farmer wase eshaya eyokugcina ewelise iqembu ngelibanzi. Ngesizini edlule iCeltic ikhishwe i-Orlando Pirates kuma-quarterfinal alo mqhudelwano.