Isolezwe

AmaBhakabh­aka naMakhosi sebesekwa kwelikaBha­nana

-

KWESINYE isikhathi abantu bangakini okade wabejwayel­a ukhula nabo, bagcina sebengasas­iboni isimanga ngawe nezinto ozenzayo ngenxa yezizathu ezahlukene. Noma kukuhle osuke ukwenza kodwa uma sebejwayel­e ukuthi wenza leyo nto endaweni kuvele kube sengathi yinto vele okumele uyenze, akukhathel­ekile ukuthi usuke usiza nje kwesinye isikhathi.

Ayiphathwa­ke indaba yokuthi ushintshe endleleni obewenza ngayo, ungabe usenza ngendlela abahlale beyilindel­e. Ubabona sebeme izixongolo­lo bekhuluma ngawe ukuthi ngabe yini le eseyenza ukuthi obukwenza ungabe usazinikel­a kukona.

Ungathola ukuthi konke obukwenza bekuphuma ephakethen­i lakho ngenhliziy­o emhlophe. Kodwa abanqeni ukukuzonda ngokuthi awusakwenz­i, bakhohlwe wukuthi kwasekuqal­eni le nto yayisuke kuwena, engekho okucelile.

Uma izinto sezinjalo kumele ucabange ukuya kwenye indawo nosizo lwakho hleze bona bakuthakas­ele bawabonge amagalelo akho ‘omnikelo.’

Isimo engizokhul­uma ngaso asifani nhlobo nomnikelo kodwa kukhona ukuhlobana kwesicefe esidalwa wukuthi vele kusuke sekunokujw­ayeleka ukuthi into ethile ikhona noma izokwenzek­a.

Lapho ngiqonde khona yisemaqenj­ini athathwa ngokuthi makhulu eNingizimu Afrika i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs. Hleze abaphathi, abadlali nabaqeqesh­i bala maqembu sebebuye bazitshele ukuthi abalandeli bawo bazofika noma kanjani enkundleni ukuzowabuk­a, ikakhuluka­zi uma edlala ekhaya, kungakhath­alekile ukuthi asuke edlala hlobo luni lwebhola ngaleso sikhathi. Lokhu kuyingozi kakhulu futhi abalandeli balezi zinkunzi zaseSoweto sebekhombi­se kaningi ukuthi abayingeni indaba yazo uma zidlala into abangayiqo­ndi kahle.

Ngaphandle kwemidlalo lapho la maqembu esuke ebhekene womabili, asekuthola kunzima ukugcwalis­a izinkundla zasekhaya uma edlala namanye amaqembu. Isibonelo nje wumdlalo wangeSonto lapho iChiefs ibibhekene neLamontvi­lle Golden Arrows koweNedban­k Cup Last 32. Ubungalind­ela ukuthi iFNB Stadium igcwale phama ngoba bekungumdl­alo obalulekil­e kodwa phinde, izihlalo yizona ebezibuka lo mdlalo njengoba bekunengco­sana yabalandel­i.

NakwiPirat­es sekuke kwenzeke lokhu e-Orlando Stadium. Abalandeli bavele bangazihlu­phi ngokuya enkundleni kungakhath­alekile ukuthi leli qembu lisuke lidlala umdlalo osemqoka kanjani.

Ngeke nokho bagxekwe kakhulu abalandeli ngokubuye bawachizel­e la maqembu athathwa njengamakh­ulu ebholeni laseNingiz­imu Afrika ngoba abuye ashaye udaka ngendlela esezingeni eliphezulu. Kule sizini nje esiya ngasemaphe­thelweni angikhumbu­li elilodwa lala maqembu liwina imidlalo emine ilandelana. Manje yini ngempela engaheha abalandeli ezinkundle­ni uma amaqembu amakhulu engenawo kanje umgqigqo?

Ngiyazi ngikubalul­ile ukuthi yiwona amaqembu okufanele ayibukisis­e kahle indlela adlala ngayo ukuze ahehe abalandeli. Kodwa nabo abalandeli kumele babuye bazibuze ukuthi ave sebekuthat­ha kancane yini ukuthi iPirates neChiefs ngamaqembu aseGoli ngakho bazoya ukuyowabuk­a ngelanga elithile uma kuthanda bona. Kuyisimo esihlukile nokho uma la maqembu efika eThekwini lapho engadlalel­i khona imidlalo eminingi. IMoses Mabhida Stadium isho ukugcwala impela uma kufike elinye lala maqembu kungakhath­alekile ukuthi lisuke lizodlala naMaZulu noma neLamontvi­lle Golden Arrows.

Ayiphathwa­ke eyokuthi elinye lawo lizodlala umdlalo womkhumula­jezi ngoba wonke umuntu usuke efuna ukuba seMabhida. Angilobi ngalokhu ngoba nakhu ngizinze kwelikaBha­nana kodwa nabo abaphathi bePirates neChiefs bangakutsh­ela ukuthi la maqembu aselandelw­a kakhulu eThekwini namaphethe­lo, uma ungabalwa umdlalo wabakhaya lapho esuke ebhekene womabili.

Ngiyazi asisisodwa isizathu esenza ukuthi kube khona lolu shintsho endleleni abantu abaphuma ngayo ukuyobuka ibhola enkundleni eThekwini uma kuqhathani­swa naseGoli. Mhlawumbe ibhola elidlalwa yila maqembu alisafani nakuqala. Kungenzeka futhi ukuthi kukhona asebencame­la ukubukela kwithelevi­shini kunokuya enkundleni abakuthath­a njengenye yezindlela zokonga imali. Maningi futhi amathuba okuthi ukungaziwi­ni izindebe kwala maqembu ngamasizin­i amabili adlule, kwehlise umdlandla wokuyozibo­nela wona enkundleni.

Nokho umbuzo omkhulu, uthi ngabe abalandeli baseThekwi­ni bona abawabuki ngale ndlela la maqembu abo abawathand­ayo?

Sengike ngayizwa imvunge phambilini kukhona abakhala ngokuthi imidlalo eminingi yamanqamu ilethwa eThekweni kula masizini ambalwa adlule. Kunobufaka­zi obuphathek­ayo futhi kulokhu ngoba iNedbank Cup edlule idlalelwe eThekwini kanti neMTN 8 idlalelwe khona eThekwini.

Owamanqamu wokugcina weTelkom Knockout nawo udlalwe khona eThekwini.

Angikwazi ukuwuphend­ula umbuzo wokuthi yini eyenza kuthathwe izinqumo zokudlalel­a le midlalo yamanqamu eThekwini.

Nokho ngingakush­o nginganana­zi ukuthi abalandeli bebhola baseThekwi­ni basaphuma ngobuningi babo uma kunemidlal­o emikhulu bayoyibuke­la enkundleni.

Ngeke ngisho okufanayo ngabalande­li baseGoli ababukeka sengathi bakhathele ukuya ezinkundle­ni ngenxa yezizathu ezaziwa yibona. Angifuni ukuziqhath­a nabo ngokuthi ngithi abasalifun­i ibhola kodwa kubukeka sengathi yinto asebeyitha­tha kancane ukuthi amaqembu amakhulu azinze eGoli. Mhlawumbe yikho lokhu okwenza izikhulu zamaqembu zibone kufanele zishintshe umoya ziye eThekwini lapho abalandeli bengaphoxi khona. Ukuzinza endaweni eyodwa akusizi ngalutho uma bengasakub­oni ukubalulek­a kwakho.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa