UShabba nethemba lokuvikela uKomphela
INJINI yeKaizer Chiefs, uSiphiwe “Shabba” Tshabalala, isakholwa wukuthi basenalo ithuba lokuvikela umqeqeshi wabo uSteve Komphela olengelwa yizembe kuleli qembu uma sekuphela isizini.
UKomphela ubhekene nokuqeda isizini yesithathu kuMakhosi engawinanga neyokubika indebe. Phezu kokuba iningi labalandeli beChiefs selimkhiphile ezinhliziyweni kodwa kunenkolelo yokuthi uma engawina eyodwa yezindebe ezimbili ezisele kule sizini, inkontileka yakhe ingavuselelwa okungenani ngesizini eyodwa. Lokhu kusho ukuthi kufanele awine iNedbank Cup adlulele kwi-Last 16 yayo, noma isicoco se-Absa Premiership. Ngesonto eledlule uKomphela uthe usengakukhetha nokufa uma lokho kuzokwenza iChiefs iwine indebe ukuze abalandeli bajabule.
Ngesizini edlule abadlali beChiefs bamvikele kunzima uKomphela abalandeli besho ukumqeda.
“Umqeqeshi wenze umsebenzi omuhle kakhulu ngokuhlanganisa iqembu nokukhuphula abadlali abasebancane nokubanika ithuba. Okubuhlungu wukuthi uzokwahlulelwa ngakwenzile uma kukhulunywa ngokuwina izindebe. Kodwa thina njengeqembu siyakubona akwenzayo nafuna iqembu libe yikhona ngomuso. Sekusezandleni zethu ukuthi sikhombise umsebenzi awenzayo ngokuthi siwine iligi noma iNedbank,” kusho uTshabalala.
“Sidlala sinakho ukucabanga ikusasa lakhe. Kuyisimo esikhona ebholeni ngoba liyibhizinisi. Uma ungenzi kahle, izinto zingahlangani, akukho esingakwenza. Kodwa okwamanje siyamthanda umqeqeshi wethu, sisebenzela yena futhi sifuna ahlale. Sikholwa wukuthi ungumqeqeshi okahle. Okufanele sikwenze wukuwina izindebe. Uma sikwenza lokho sizomgcina eqenjini. Ngalokho sizobe sikhombisa nokuthi siyamthanda.”
IChiefs isendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-31 emva kwemidlalo engu-20. Isele ngayisikhombisa kwiMamelodi Sundowns ezihola phambili ngawu-38. Amakhosi awakaze ahlulwe kusukela kuqale u-2018. Nokho ukudlala ngokulingana yikhona okubukeka kuyibulele.
IChiefs izokwamukela iCape Town City emdlalweni wePremiership eFNB Stadium kusasa ngo-8.15 ebusuku.
ICity isendaweni yesihlanu kwi-log
LyePremiership ngamaphuzu alinganayo neChiefs.
“Kuzoba wumdlalo onzima kodwa uzoba muhle. ICape Town City iyiqembu elithanda ukudlala ibhola, nathi ngokunjalo. Amaphuzu amathathu azobangwa, angicabangi ukuthi bazozela elilodwa lapha. Siwulindele umdlalo namaphuzu amathathu,” kusho uTshabalala.