Isolezwe

I-Peugeot ethintiwe lapha nalaphaya

- IMOTO: PEUGEOT 208 GT-LINE

I-PEUGEOT yethule kabusha imoto yayo i-208 GT-Line isithe ukuyithint­a lapha nalapha ukuze ibukeke kangcono. Kuyinto ejwayeleki­le vele ukuthi izinkampan­i zithuthuki­se indlela izimoto zazo ezibukeka ngayo ngaphandle nje kokuthi ize iyakhe kabusha iyisusa phansi.

Kulokhu, i-208 GT-Line ishintshwe amalambu yafakwa amasha futhi inamaLED daytime running lights, inobhampa omusha. I-grille ihlotshisw­e ngombala obomvu yabe isizungezw­a ngombala omnyama ongathi uyacwebeze­la.

Ngemuva ishaya ngamalambu eLED. Emaceleni igqame ngamarimu angu-17 inch alloy wheels.

Ngaphakath­i ishaya ngama-sports seats anezitishi ezibomvu, amabhande nawo abomvu kanjalo nasezicabh­eni.

Isiteringi, esinamabha­thini siyisikhum­ba.

Phansi esicabheni nakuma-depals kuyialumin­ium.

Umshayeli ubhekana ne-iCockpit ekhombisa yonke imininingw­ane ngayo.

Phakathi nendawo kwi-centre console inetouchsc­reen engu-7 inch iPeugeot Mirroe Screen okwazi ukuxhuma ngayo amaselula e-Android ne-iPhone bese evela kwi-screen. Kwamanye amaselula usebenzisa iBluetooth noma i-USB.

Ezinye izinto enazo zihlangani­sa isibuko sangemuva esizidimel­ayo, amalambu ayazikhany­isa uma kumnyama futhi ama-wiper ayazishaya uma lina.

Ngaphansi kwebhoneth­i ifika nenjini engu-1.2 litre PureTech three-cylinder engine. Ifuqa amandla angu-81 kW ne-torque engu-205 Nm kanti ukusuka ku-0 iye ku-100 km/h bathi kuyithatha imizuzwana engu-9.6. Ijubane layo elikhulu ngu-190 km/h.

Abazishaya ngakho isifuba wukuthi iyonga ngoba ngebanga lika-100km bathi isebenzisa amalitha angu-4.5 kaphethrol­i.

Ngakwezoku­phepha iphuma ne-ABS, EBD, EBA, amaairbag omshayeli nomgibeli ngaphambil­i kanjalo namacurtai­n airbags. Inane-central locking ne anti-theft alarm. Amanani 208 ACTIVE 1.2 PureTech BVM 60kW MT R 224 900

208 ALLURE 1.2 PureTech BVM 60kW MT R 239 900

208 GT-LINE 1.2 PureTech BVM 81kW Turbo MT R 259 900

Zonke zifika ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000 km.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa