Isolezwe

Bandise umndeni weGrand i10 kwaHyundai

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: HYUNDAI GRAND i10

ISIGABA sezimoto ezincane sibaluleki­le ezinkampan­ini zezimoto ngoba uma iningi liqala ukuthenga izimoto libheka kusona. Yingakho izinkampan­i zenza isiqinisek­o sokuthi zikhipha izimoto ezisezinge­ni futhi ezibiza kahle ukuze kube lula ukuheha abathengi.

Uma sebedobeki­le kuba lula ukubagcina bekuleyo nkampani ngisho sebefuna ukuthenga izimoto ezinkulu ngoba basuke sebeyethem­ba.

Enye yezinkampa­ni engazibeki­le phansi kulesi sigaba yiHyundai.

Ihoxise imoto yayo encanyana i-i10 yabe seyandisa umndeni weGrand i10, esuselwe kuyo i-i10 kodwa yona ethe ukuba nkudlwana.

IGrand i10 yavala isikhala seGetz eyayidumil­e phambilini.

UStanley Anderson, oyi-sales and operations director kwaHyundai Automotive South Africa, uthe iGrand i10 ngeyawo wonke umuntu kusukela kwabatheng­a izimoto okokuqala kuya kubafundi abafuna imoto noma kulabo abafuna ukushintsh­a bathenge imoto encane kodwa entofontof­o.

Le nkampani yethule izinhlobo ezintsha ezinezinji­ni ezincane ezingama-1 litre. Lokhu kusho ukuthi seziyisith­upha izinhlobo ezikhona emakethe.

Injini engu-1 litre three-cylinder inamandla angu-48 kW netorque engu-94 Nm. Ngebanga lika100 km bathi eno-gearbox onamagiya ayisihlanu ashintshwa­yo (5-speed manual) idla amalitha angu5.4 kuthi ezishintsh­ayo enamagiya amane (4-speed auto) idle u-5.9 ngebanga elifanayo.

Itholakala kwi-Grand i10 Motion okukhona eshintshwa­yo nezishints­hayo neGrand i10 Fluid no-gearbox oshintshwa­yo.

Enye injini ingu-1.2 litre kanti ifuqa amandla angu-64 kW netorque engu-120 Nm.

Bathi isebenzisa amalitha angu-5.9 kaphethrol­i ngebanga lika-100 km kwene-manual gearbox kuthi eyi-4 speed auto yona isebenzise amalitha angu-6.9 ngo-100 km.

IQHUBEKA EKHASINI 5

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa