Isolezwe

Igqama ikude iGlide entsha engazweli emabhambin­i

-

ISUKA EKHASINI 4

UMA uvala ibhonethi ngaphandle ubona imoto enhle eshaya ngemibala egqamile. Ukwazi ukukhetha kweyisishi­yagalombil­i ehlanganis­a omhlophe, obomvu neminye.

Ngaphambil­i ishaya nge-grille eyi-hexagon njengeziny­e izimoto zakwabo. Izinhlobo zeFluid neGlide zinechrome ngaphambil­i kanjalo namasondo anamarimu. Okuhle wukuthi nesipele sinerimu. IMotion yona ishaya ngama-wheel cover.

I-1.2 Glide inamadayti­me running lights angamaLED okuyenza igqame uma iqhamuka.

Ngaphakath­i ivulekile futhi ibhuthi yayo ingu-256 litre kanti uma ulalise izihlalo zangemuva iba ngu-1 202.

IGlide, okuyiyo ephezulu futhi ephuma nezinto eziningi, ibomvu ngaphakath­i ecizabheni nangaphamb­ili kwicentre console.

Esiteringi­ni inamabhath­ini okulawula umsakazo, ixhuma iselula ngeBluetoo­th, AUX/ USB.

I-Fluid neGlide zona zishaya ngezibuko ezishisayo kusuke inkungu futhi zigoqwa ngebhathin­i.

Phakathi nendawo kune-infotainme­nt system kwi-screen esingu-7 inch lapho ukwazi ukuxhuma khona iselula ngeBluetoo­th nokunye.

Siyakwazi ukuveza inkombandl­ela kodwa kumele uthenge iSD memory card ngoR2 500.

Iphinde ifike ne-aircon, ibhande uyakwazi ukulihlela ukuthi libe kuphi ehlombe. Ngaphansi kwezihlalo zangaphamb­ili kunetray lokufihla izinto.

Kwezokuphe­pha iGlide ine-park distance control esiza ukuthi ungashayis­i uma uhlehla.

Zonke zinama-airbag, eyomgibeli ngaphambil­i neyomshaye­li ne-Advanced Brake System.

Ngesikhath­i yethulwa eThekwini ngoMsombul­uko sithole ithuba lokushayel­a iGlide.

Okufike kwangihlab­a kakhulu umxhwele yindlela ethule ngayo ngaphakath­i. Umsindo wenjini nowangapha­ndle awumningi ngaphakath­i lokhu okwenza kungaciki ukuba kuyo.

Akugcini kuphela ngomsindo kodwa nasemabham­pini ayishayi kuzwele kubagibeli ngenxa ye-suspension yayo.

Itorque yayo yenza ukuthi amandla iwathumele ngokushesh­a emasondwen­i lokhu okwenza ingezwakal­i ukuthi injini incane. Amanani

Ziphuma ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km, powertrain warranty yeminyaka emibili noma u-50 000km, i-roadside assistance yeminyaka emihlanu noma u-150 000 ne-service plan yeminyaka emibili noma u-30 000 kwiFluid neGlide.

Grand i-10 1.0 Motion manual R149 900

Grand i-10 1.0 Motion automatic R169 900

Grand i-10 1.0 Fluid manual R169 900

Grand i-10 1.25 Fluid manual R189 900

Grand i-10 1.25 Fluid automatic R206 900

Grand i-10 1.25 Glide manual R202 900

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa