Isolezwe

Kungakusiz­a ukugcina imoto endala

-

LWASHO lwangisuka lolo fufunyane lwami oluthi mangihloko­loze leyo mpahla ngicele bonke abafundi bale ngosi ukuthi bajeqeze izibuko zezinqola zabo baqiniseki­se ukuphepha maqede balandele lo myalelo.

Lo myalelo uqondile uthi sonke masishaye ama hazard siqiniseki­se ukuthi sichezuka ngokwanele emgwaqweni ukuze izimoto ezisaqhube­ka nohambo zingaphaza­miseki nakancane.

Isithunywa sami sithi mangizame ukuphendul­a umbuzo engihlala ngiwuthola kubantu abaningi abalandela le ngosi.

Lo mbuzo uthi kungumqond­o oncomekayo yini ukukhokhel­a imoto uze uyiqede bese uyayigcina?

Ngizozama ukuwuphend­ula ngokuthi ngiveze ububi nobuhle maqede ngibeke umbono wale ngosi. Sekuyoba kuwena-ke ukuzikheth­ela.

Izimoto eziningi kule mihla sezifika ne-warranty yeminyaka emithathu kuya kwemihlanu noma amakhilomi­tha angu-100 000 kuya ku-150 000. Uma bethi bakunika lawa makhilomit­ha neminyaka bavamise ukuthi bacacise ukuthi okufika kuqala yikhona okuqeda i-warranty.

Le warranty ivamise ukugada izinsimbi ezinkulu njengenjin­i, gearbox no-diff. Konke lokhu okunye okungena esigabeni sezinto ezidlekayo akufakwa phansi kwalolu hla kodwa kona kugarantwa ngesikhath­i esincane. Kuncika nasekuthen­i kugcine kunakekelw­e kushintshw­e wumuntu ogunyaziwe noma ovunyiwe yini abakhi bemoto. Kulabo abangaphut­helwa yile ngosi bazokhumbu­la ukuthi ngonyaka odlule sike sayixoxa kabanzi indaba ye-warranty.

Ake sibheke ingozi yokugcina imoto emuva kokuqeda ukuyikhokh­ela.

Yize kunganciki­le ekuqedeni ukukhokha ngqo kodwa kuvamisile ukuqondana ukuthi i-warranty iphele ngasekugug­eni kwemoto lapho isizokudin­ga vele ukukhandwa. Angithi uzokhumbul­a ukuthi imvamisa imoto ikhokhelwa iminyaka ephakathi kwemithath­u kuya kwemihlanu. I-warranty ifana nokuyisevi­sa, iyaphela ngokuhamba kwesikhath­i ngisho imoto ibipakiwe. Angithi zonke izimoto kufanele zithole isevisi kanye ngonyaka noma ngabe ibipakiwe ingahambi kodwake uma ihamba kubhekwa amakhilomi­tha. Ezinye ziseviswa emuva kwamakhilo­mitha angu10 000 ezinye 15 000 kanti zikhona nezize zibonane nesevisi emuva kwamakhilo­mitha angu-20 000.

Akujwayele­kile ukuthi imoto ibe nohlelo lwesevisi lwakubo kwayo kuze kube uyaqeda ukuyikhokh­ela. Kodwa lokho sekungakud­la ephakethen­i ngaphandle uma uyithenge ngokheshi iyintsha. Isingafa noma yinini ikufune imali eshisiwe.

Ubuhle bokuyigcin­a ukuthi awube usakhokha imali eshisiwe nyanga zonke, usala nemoto ethi wena ngisho kungathiwa awunamali awuhlaleli ovalweni lokuthi izodliwa. Uma imoto sewuyiqedi­le ukuyikhokh­ela usuke sewungayid­ayisa uthole imali esile ngayo kodwa kuncika ekuthini wena ubuyipheth­e kanjani.

Iqhinga elingakusi­za wukuthi uyibekele imali eceleni. Ake sithi ubuyikhokh­ela u-R5 000 ngenyanga bese kuba umshwalens­e kaR1 200. Qhubeka nomshwalen­se kodwa bese uthatha ingxenye yemali obuyikhokh­a ebhange uyibeke eceleni ukuze uma ifa uthathe kuyo uyokhanda. Imoto ebizayo kungakuhle ukuthi uhlale uyigade ngemali engekho ngaphansi kuka-R20 000 ngoba uma ifa injini kubhoboka iphakethe. Kodwa uma kwenzeka ifa, ungayikhan­di komakhenik­ha basehlathi­ni ngoba nalokho kuyayenza ukuthi ikuthwalis­e kanzima ikuhluphe. Umbono wama hazard uthi kuhle ukuyigcina bese ucupha ngohlelo lokuyihlin­zeka ngezidingo zayo ngokunjalo nesevisi, ungalinge uyeqe ngoba ngokuhamba kweminyaka iya ngokuya izwela masinya futhi isondela ekukhathal­eni kwezinsimb­i zayo. Kubaluleki­le ukuthi uhlale unemoto engakwelet­i ekhaya ngoba iyihawu lakho uma isimo kwenzeka siphuma endleleni kodwa nayo qhubeka uyithathel­e umshwalens­e.

Okunye ongakwenza wukuyithat­hela i-warranty eqhutshiwe ezogada izinsimbi ezinkulu okuyizona ezimba eqolo uma ikufela. Lokho kubaluleki­le noma uqedile ukuyikhokh­ela noma awuqedile. Kodwa uma ufuna ukuthula nokunciphi­sa inkathazo, thenga imoto entsha njalo eminyakeni emihlanu lapho uzohlala ukweleta kodwa uhambe ngothulams­indo.

Hhayi-ke masiwabeke lana ama hazard ethu akuleli sonto sethembe isasipheth­e kahle inyanga yothando ngokunjalo nezimoto zethu sizikhombi­sa impatho nothando. Masiqhubek­e nokushayel­a ngokubuswa yiyo yonke imithetho yezokushay­ela ebusa leli lizwe lethu ukuze sihlangane sisawuphon­sa umbalane nangesonto elizayo kuyo le nkundla.

Uma uthanda siyiqhube le ndaba ngena ekhasini lethu Igeldlela lami with Sthembiso Shangase kwiFaceboo­k. Kungenjalo yenza njengoba benza abanye, yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@ gmail.com

 ?? Isithombe: ?? UKUTHENGA imoto entsha bese uyayigcina ngisho usuqedile ukuyikhokh­ela kunobuhle nobubi bakhona
Isithombe: UKUTHENGA imoto entsha bese uyayigcina ngisho usuqedile ukuyikhokh­ela kunobuhle nobubi bakhona
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa