Isolezwe

Isasasa ngomcimbi wezimoto eKnysna

- INTATHELI YEZEZIMOTO

SELIQALILE isasasa ngomcimbi waminyaka yonke wezimoto iJaguar Simola Hillclimb ezoba seKnysna ngoMeyi 3 kuya kuMeyi 6 nonyaka.

Lo mcimbi kuzoba ngokwesish­iyagalolun­ye uba khona.

“Isasasa leJaguar Simola Hillclimb yakulo nyaka liyamangal­isa kusukela kwabazonci­ntisana, izinkampan­i kanjalo nababukeli,” kusho umqondisi womcimbi u-Ian Shrosbree.

Uthe sebethole imingenelo engaphezu kuka-220 yeClassic Car Friday neKing of the Hill futhi sebethola isibalo esikhulu sabathenga amathikith­i ngokwahluk­ana kwawo.

Kulo mcimbi kukhona nezimoto ezincintis­ana ngejubane zinyuka intaba.

“Ngenxa yezinto eziningi ezozokweng­ezwa kwiHillcli­mb yakulo nyaka, abalandeli bangalinde­la amathuba amaningi ezinto ezimangali­sayo ngokuba yingxenye nokubukela okuzokwenz­eka,” kusho uShrosbree.

Enye yezinto ezizokweth­ulwa kulo nyaka yindawo entsha yezibukeli ezobe ibekwe kahle ngakwiTurn 2. Ababukeli bazokwazi ukubona kahle iHillclimb kusukela ekuqaleni kuze kube yingasebhu­lohweni kuTurn 3.

Kulula ukuya kumapits, indawo yokuthenga ukudla neGasoline Alley.

Indawo yokuhlala yona ivunyelwe ukuthatha abangu-400 ngosuku. Kuvumeleki­le ukuthuthuk­isa ithikithi lakho likawonke wonke noma iPit Access Ticket ngokufaka uR200 ngaphezulu.

Abahleli sebephinde benza indawo yokupaka izimoto eseduze ebiza uR100 ngosuku.

Kwabathand­a ukuba yizicukuth­wane kuthiwa kumele basheshe bawathenge amathikith­i ngoba kudayiswa angu250 kuphela ngosuku.

“Siyanxusa kwabahlela ukuhambela iJaguar Simola Hillclimb kulo nyaka ukuthi bathenge amathikith­i nendawo yokulala kusenesikh­athi,” kusho uShrosbree.

Uthe izindawo zokulala zinciphile ngenxa yokushiswa wumlilo wangonyaka odlule kodwa zikhona ezinye emadolobhe­ni angomakhel­wane.

 ??  ?? ENYE yezimoto ezingenela umncintisw­ano wezimtoo iJaguar Simola Hillclimb
ENYE yezimoto ezingenela umncintisw­ano wezimtoo iJaguar Simola Hillclimb
 ??  ?? ABABUKELI basuke bephume ngobuningi babo emcimbini wezimoto iJaguar Simola Hillclimb eKnysna
ABABUKELI basuke bephume ngobuningi babo emcimbini wezimoto iJaguar Simola Hillclimb eKnysna
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa